Usaziwayo nemisebenzi eminingi endimeni yezokuzijabulisa

Linda Ximba

Ekuqaleni kwanyakenye izinto bezibonakala zingahambi kahle kumlingisi odumile uKhaya Dladla ngesikhathi inkontileka yakhe ingavuselelwa ochungechungeni lwakumabonakude Uzalo.

Lo mlingisi onekhono waseThekwini ubengomunye wabalingisi abathandwa kakhulu kulolu chungechunge kanti ukuphuma kwakhe kwaba usizi kubalandeli bakhe.

Eshiya Uzalo, uDladla (obelingisa indawo kaGC) wayenenhliziyo ebuhlungu futhi ekhathazekile njengoba kwaphoqeleka ukuthi afune umsebenzi.

Ngenhlanhla ezinyangeni ezintathu wathola umsebenzi wokwethula ezemidlalo kwiGagasi 99.5fm lapho aphethe khona i-drive show emisakazweni waseThekwini.

Ngesikhathi esabambe lesi sikhundla emsakazweni, kwaqhamuka elinye ithuba lokuyolingisa kwi-House of Zwide lapho indawo ayidlalayo kaLazarus emenze wathola abalandeli abaningi.

Njengoba unyaka usozophela, uDladla onamakhono amaningi usethole omunye umsebenzi wokuba umethuli wohlelo. Maduze uzovela njengomethuli omusha we-Our Perfect Wedding.

UDladla uyaqinisekisa ukuthi uhlelo lwakhe lokuqala luzokhonjiswa ngoMgqibelo ebusuku ngo-7 kuMzansi Magic 161.

“Sengithwebulile futhi ngiyalijabulela leli thuba,” kusho uDladla.

“Uma ngibheka emuva onyakeni angikaze ngicabange ukuthi ngizoba nezinto eziningi engimatasa ngazo. Kwakunzima ukungabi namsebenzi kodwa ngahlalela ethembeni.”

Uthe inselelo yakhe manje ukubamba eyeka kule misebenzi eminingi.

“Kodwa ngizophumelela ngoba ngingumuntu okhuthele. Ukusebenza kanzima nokubekezela kuthela izithelo ezinhle.”

UDladla uzokwethula i-Our Perfect Wedding ngokuhlanganyela  noNonkanyiso “LaConco” Chonco owaduma kwi-The Real Housewives of Durban.

Isithombe esingenhla: Umlingisi ophinde abe ngumethuli wezinhlelo kumabonakude uKhaya Dladla

Source: @Khaya_Dladla

Izihloko zakamuva