Usaziwayo emdlalweni omusha wakumabonakude 

Lubhalwe nguLinda Ximba

Ngesikhathi kumenyezelwa ukuthi i-DiepCity ngeke ibuye ngesizini yesithathu ngonyaka ozayo abalandeli abaningi basale bedangele.

Kodwa okungase kujabulise ababukeli balo mdlalo izindaba zakamuva zokuthi uMduduzi Mabaso owayedlala indawo yesigebengu uMgedeza emdlalweni owine indondo ye-telenovela uzophinde avele komabonakude babo lingakapheli leli sonto.

I-The Estate edlala ku-SABC 3 isimthathile uMabaso, kanti uzoqala ukubonakala namhlanje.

Abadidiyeli bathi uKhulekani okuyindawo ezodlalwa uMabaso, ungumuntu othanda abantu kodwa ungumuntu ongavuleleki kalula isifuba, onomthetho oqinile futhi onothando.

“UKhulekani uyakhonya, akasabi futhi uyawukhathalela umndeni wakhe nodadewabo uNoxolo odlalwa nguLerato Mvelase.”

Umdlalo wakumabonakude i-The Estate ugxile ezindabeni ezishisayo zansuku zonke:  ezifana njengokubuyiselwa komhlaba, ukuzazi, inkohlakalo, imali, amandla, kanye nokulingana futhi konke kuxoxwa ngengxube yemindeni yakuleli ephila ngokunethezeka e-Echelon Estate kanye nasemphakathini ongomakhelwane elokishini laseThembalethu.

Ugabe ngenqwaba yabalingisi abadumile okubalwa kubo uSdumo Mtshali, u-Aubrey Poo, uMatli Mohapeloa, uLorcia Cooper, uMoopi Mothibeli kanye no-Anga Makubalo.

Ephawula uMabaso uqale wahleka wathi: “Uma umnyango uvaleka kuvuleka omunye, kubanjalo kulo mkhakha. Abalandeli bami kusukela ngesikhathi ngikwi-Rhythm City namanje kwi-DiepCity bazongibona ngithuthuka futhi ngizokwenza konke okusemandleni ami ukudlala kahle noma iyiphi indima enginikezwa yona.”

Umphathi wezokukhangisa ngamavidiyo kwa-SABC uDichaba Phalatse uthe lesi siteshi siyakuthokozela ukuba noMabaso.

“Sithembisa ababukeli ukuthi bazobukela umdlalo othokozisayo owenzeka e-Echelon.”

Esithombeni esingenhla: UMduduzi Mabaso

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva