Moyahabo Mabeba
U-Ishmael Matjeka owakhulela emaphandleni ase-Moletjie e-Limpopo, wabona isihlava sodlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane (i-GBV) ebuntwaneni bakhe. Ngisho esengumfanyana wanquma ukunikela impilo yakhe ekuvikeleni abesifazane nabantwana abasengozini.
Kusukela lapho, uSayitsheni Matjeka usephenduke elinye lamaphoyisa ahlonishwa kakhulu ahamba phambili ekulweni nodlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane eNingizimu Afrika.
Selokhu angena ebuphoyiseni ngowezi-2010 esiteshini samaphoyisa i-Erasmia, ePitoli, amacala akhe amaningi athinta ubugebengu obubhekiswe kwabesifazane nezingane.
Esikhathini esingaphansi kweminyaka emihlanu, umphenyi onguchwepheshe usekwazile ukuthi asize kugwetshwe abadlwenguli abambalwa ababehlukumeza abesifazane nezingane odilikajele abayi-19.
Icala lakhe lakamuva lalilikhulu emsebenzini wakhe. Uhole uphenyo lomdlwenguli uPrince Mabalena, owagwetshwa odilikajele abayi-16 ngoNtulikazi kanye neminye eyi-15 ngamacala angama-36 okudlwengula.
“Okubuhlungu kakhulu ukuthi uma uphenya la macala uyaye uthole ukuthi umenzi wobubi nomgilwa bahlobene ngandlela thize. Lokhu kukutshela ukuthi abantu besifazane bahlukunyezwa ngabantu ababaziyo, okumele ngabe bayabavikela,” kusho uMatjeka.
Ukubeke kwacaca ukuthi akakaqedi ukuvalela izigebengu zodlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane ejele.
“Abasizakala ngabesifazane abanandawo emiphakathini yethu. Sizokwenza konke okusemandleni ethu ukubabopha futhi sivumele umthetho ukuthi ubajezise,” esho.