Lungi Langa
Umnikazi wendawo yokudlela iSamkelisiwe Restaurant eMgungundlovu uthe ukubulawa kwabantu abane phakathi ethaveni yakhe ngempelasonto kumzwise ubuhlungu ayengakaze acabange ukuthi uyoke abuzwe.
UMnu Mbuyiseni Mntambo uthe selokhu avula leli bhizinisi ngonyaka ka-1987 njengendawo yokudlela ayiqambe ngegama lendodakazi yakhe akukaze kwenzeke into efana nalena.
“Lesi isigameko esibi kakhulu lapho imindeni eshonelwe khona izihlobo zayo ngale ndlela. Nami kubuhlungu ngoba kade ngaliqala leli bhizinisi futhi akukaze kwenzeke okufana nalokhu,” kusho uMntambo etshela i-Scrolla.Africa.
Sekuphele iminyaka engu-30 le ndawo yokudlela enesizotha ikhona endaweni.
UMntambo uthe waqala esemncane ngaphambi kokuthi akhulise le ndawo yokudlela eminyakeni emihlanu edlule wafaka nethaveni.
Ekhumbula izehlakalo zangoMgqibelo ebusuku uMntambo uthe ubekwelinye igumbi egcekeni ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko.
Uthe indawo ibigcwele phama njengoba bekukhona abantu ethaveni nasegcekeni lonke. Uthe amadoda abulewe ngabantu avame ukubabona ethaveni njengamakhasimende akhe.
Uyayazi nemindeni yabo. Ngesikhathi efaka amakhamera ubecabanga ukuthi lokhu kuzokwanela ukumsiza aqinisekise ukuthi kunokuphepha okwanele kule ndawo yakhe.
“Lokhu kungifundise ukuthi kumele ngiqinise ezokuphepha endaweni yami.”
Uthe uzizwa elimele futhi enecala ngesigameko sangoMgqibelo.
UMntambo ufisa ukuxhumana nemindeni yabashonile nabalimele. Uthe ngosizo lwekhansela lendawo uzokwenza lokhu ngoLwesibili ngomhlaka-12 kuNtulikazi.