Usashaqekile umphakathi ngemuva kokuduka komntwana

Elmon Tshikhudo

U-Imelani Mudau wase-Mukula ngaphandle kwase-Thohoyandou uduke esendleleni eya enkulisa ehambisana nonina wakhe uFhumulani Madavha ngomhlaka-8 kuMasingana.

Lo mfana onesifo sokungakwazi ukukhuluma nokungezwa emadlebeni ubehamba ngemuva kukanina okuthe uma befika enkulisa kwatholakala ukuthi akasekho ngemuva uselahlekile.

Kusukela ngalelo langa umphakathi wase-Mukula awukholwa, yilowo nalowo uzibuza ukuthi umntwana  unyamalala kanjani emini libalele.

Umndeni ka-Imelani, umphakathi wendawo kanye namaphoyisa bayaqhubeka nophenyo, kodwa bekungakatholakali lutho.

Unina ka-Imelani, uFhumulani Madavha, okhulelwe enye ingane, uthi udonsa kanzima.

“Njalo uma ngizwa ngomfana otholakala noma ikuphi, ngiphuthuma khona ngethemba lokuthi kumele kube nguye,” kusho uFhumulani.

“Angikwazi ngisho ukudla nokulala ngithukile. Angikwazi ngisho nokucabanga ukuthi yini eyenzakalayo nokuthi yini abhekana nayo uma esaphila futhi ngithandaza nsuku zonke ukuthi abuye ephephile.”

Muva nje umphakathi ubusuthungatha esigodini sase-Makhuvha esiseduzane ngamakhilomitha ambalwa ukusuka emzini wakhe ngemuva kokuthi kube namahlebezi okuthi umfana ubonwe ngakhona. 

Umholi womphakathi, uMnu Thivhu Mutego,  onikele ngezimoto zakhe emphakathini uthe sebelahlekelwe ithemba lokuthi uyoke atholakale.

“Kube namahlebezi amaningi ngaye.

Sisola ukuthi kukhona okubi okwenzekile kumfana. Cabanga nje umfana olingana naye engenakudla nendawo yokuhlala,” kusho umholi womphakathi

“Sidinga usizo ukuze atholakale futhi abuyele ekhaya ephephile.”

Yize kungekho owaziyo ukuthi u-Imelani ukuphi, izakhamuzi eziningi zithi isigameko esika nje sibakhumbuza isigameko esenzeka eminyakeni engu-12 eyedlule e-Tshamulungwi e-Mutale lapho kwanyamalala khona ingane eyayihamba nonina  owayewasha emfuleni wangakubo futhi akabange esayithola.

UConstable Mapure Manamela wamaphoyisa ase-Limpopo unxuse noma ngubani  onolwazi ukuthi athinte uDetective Warrant Officer Maxwell Ndidzulafhi Nemaxwi kule nombolo ethi-071 126 2569, noma kule ethi-0860010111 noma niphuthume esiteshini samaphoyisa esiseduze noma nisebenzise u-MySAPSApp.

Izihloko zakamuva