Usaqhubeka umkhankaso wamaphoyisa e-Krugersdorp

Arthur Greene

Ukudlwengulwa kwabesifazane abayisishiyagalombili abasebenza eqenjini lamafilimu emayini engasasebenzi ngoLwesine olwedlule kuholele emkhankasweni omkhulu wamaphoyisa emlandweni selokhu kwagcinwa ngobandlululo. 

Lokhu kuholele ekutheni izakhamuzi zendawo zihlasele ngodlame abavukuzi abangekho emthethweni endaweni.

Nakhu osekwenzekile selokhu kwaqala isigameko sase-Krugersdorp ngomhlaka-28 kuNtulikazi ngoLwesime

● Iqembu elikhiqiza amavidiyo omculo elakhiwe ngabesifazane abangu-12 nabesilisa abayishumi lahlaselwa futhi lagetshengwa iqeqebana labesilisa abebehlomile ababalelwa kwabangu-20 abebezifihle ubuso begqoke ama-balaclava futhi bembathe nezingubo zokulala zaba-Basotho.

Abayisishiyagalombili kulaba besifazane badlwenguliwe kuphindelelwa ngaphambi kokuthi abahlaseli baba babaphuce amathuluzi nezimpahla ezingabiza u-R1.5-million.

NgoLwesihlanu ngomhlaka-29 kuNtulilazi

● ULieutenant General Elias Mawela uKhomishana wamaphoyisa wesifundazwe e-Gauteng uhole umsebenzi ohlanganisa izikhungo eziningi zomthetho nezinkampani zokuphepha e-Krugersdorp. Kuboshwe abasolwa abangu-65 kanti ababili badutshulwe babulawa ngamaphoyisa.

Lesi ngesokuqala emikhankasweni eminingi yamaphoyisa isonto lonke.

● Ungqongqoshe wamaPhoyisa uBheki Cele utshela abezindaba ukuthi amasampula olibofuzo aseqoqwe athunyelwa ukuze ayohlolwa. Uthe namhanje bazobe sebeluqinisekisile ulibofuzo lwabahlaseli.

● UMengameli uCyril Ramaphosa ubize ukudlwengulwa kwabesifazane abayisishiyagalombili  njengenkomba yokuthi ingakanani inkinga yokuhlasela abantu ngokobulili. 

NgoMgqibelo ngomhlaka-30 kuNtulikazi:

● Emhlanganweni we-EFF umholi weqembu uJulius Malema uthe kumele abahlaseli bajeziswe kanzima.

NgeSonto ngomhlaka-31 kuNtulikazi

● Imisebenzi yamaphoyisa iyaqhubeka ngempelasonto futhi kuboshwe abasolwa abengeziwe okwenza isibalo sibe ngu-80.

NgoMsombuluko mhla zizinye kuNcwaba:

● Bonke abasolwa ababoshwe ngempelasonto bavela eNkantolo.

● URamaphosa usebenzisa ushicilelo lwakhe  lwamasonto onke ukucela umphakathi ukuthi uphumele obala ukuze uzosiza ekutholeni abahlaseli.

NgoLwesibili mhla zimbili kuNcwaba:

● Ngesikhathi ebuya nezindiza ezinophephela emhlane amaphoyisa agasela ezimayini zegolide ezingasasebenzi e-Krugersdorp abopha abanye abavukuzi abangu-46. Lokhu kubenza babe ngu-126 asebeboshiwe. 

● Oyedwa wabavukuzi ubulawe ngesikhathi sokudubulana namaphoyisa.

● Akekho noyedwa umsolwa oboshiwe kusukela ngoLwesine omataniswa nalezi zigameko zokudlwengula. UKhomishana wamaphoyisa onguJenene Fannie Masemola uthe “Simatasa nophenyo ukuze sibone ukuthi abanye babo bazomataniswa yini nalesi sigameko.”

NgoLwesithathu mhla zintathu kuNcwaba:

● Abasolwa abangamashumi ayisithupha bavele eNkantolo yeMantshi yase-Krugersdorp. Abasolwa abangu-15 okukholakala ukuthi bayizingane bathuthelwe eNkantolo Yezingane.

● Amaphoyisa asebenzise izindiza namayunithi e-K9 njengoba eqhubeka nokugasela ezimayini zendawo. Okungenani abanye abasolwa abangu-30 baboshiwe okwenza isibalo sibe ngu-156.

● UKhomishana wamaPhoyisa ase-Gauteng u-Elias Mawela umemezela ukuthi kuzohlolwa ulibofuzo lwabesilisa abangu-17 ababoshiwe ukuze kutholakale ukuthi bahlobene yini nokudlwengula.

● I-EFF icela uCele ukuthi esule esikhundleni ngenxa yokwehluleka ukubhekana nobugebengu ezweni.

NgoLwesine mhla zizine kuNcwaba:

● Ngenkathi amaphoyisa egasela e-XX indawo yase-Krugersdorp isakhamuzi sase-Mozambique sikhandwe ngamatshe saze sashona e-Kagiso.

● Abahlali base-Kagiso bazibambela mathupha besuka emjondolo beqoqa abavukuzi babayisa emaphoyiseni.

Kuzwakala isibhamu siqhunyiswa ezimayini ezingasasebenzi njengoba izakhamuzi zizama ukuqeda abavukuzi

● NgoLwesine ebusuku sekuboshwe okungenani abantu bakwamanye amazwe abangu-64 njengoba izakhamuzi zendawo zibaphoqa ukuba bangene ezimotweni zibahambise esiteshini samaphoyisa sase-Kagiso. NgoLwesine ebusuku kuboshwe abesilisa abangaphezu kuka-200.