Usaqhubeka nokuphakamisa igama lakhe uMaster KG

Sizwe Sibiya

Ngemuva kokuhlala kwishadi eliphezulu lomculo waseMzansi izinyanga ezintathu zilandelana, ingoma kaMaster KG ethi “Dali Nguwe” isifakazele ukuthi ngempela ungumpetha uma kuza ngasemculweni.

Ividiyo yakamuva yalengoma iyibeke endaweni yokuqala ku-YouTube esikhathini esingaphansi kwamahora angu-48 selokhu ikhishiwe.

Ividiyo yengoma ehlanganisa uNkosazana Daughter, umdidiyeli u-Obeey Amor kanye noBasetsana obeka le ngoma kwelinye izinga ngezwi lakhe elijulile, ikhishwe ngoLwesihlanu ngomhlaka-18 kuNdasa kulandela ukudlalwa kwayo kakhulu ngesikhathi samaholidi kaKhisimusi.

Ikhishwe ngaphansi kwenkampani yokuqopha i-Wanitwa Mos kaMaster KG ibiqondiswa ngabe-Dubelicious Pictures, ividiyo ebiphezulu kuma-iTunes Top 100 charts isikhathi esingaphezu kwezinyanga ezimbili ngaphambi kokuthi ingene kwinombolo yesihlanu. 

Isibukwe abantu abangu-400 000 ezinsukwini ezimbili nje kuphela. Njengoba iqale ukuboniswa ku-YouTube – levidiyo iphinde yabuyisa ukuduma kwale ngoma futhi. 

Lo wesilisa oneminyaka engu-26 onguKgaogelo Moagi igama lakhe useke wakhipha izingoma ezishisa izikhotha njengengoma ethi“Skeleton Move” ehambisana noZanda Zakuza kanye neculo lomvalelandlini eladuma emazweni amaningi elithi “Jerusalem” alicula noNomcebo Zikode, ubelokhu ewuzwa njalo umculo wakhe.

Khonamanjalo ingoma ethi, “Jerusalema” seyibukwe abantu abangaphezu kuka-485 million futhi lisakhula inani ngemuva kokuba kukhiswe ividiyo yale ngoma  ngomhlaka-13 kuZibandlela 2019, ku-YouTube.

Umthombo wevidiyo: YouTube

Izihloko zakamuva