Sizwe Sibiya
Ukubungaza iminyaka engama-30 yokukhishwa kwe-album yesibili yeqembu laseMelika elizibiza nge-Nirvana abakhiphe i-album inesihloko esithi-Nevermind mhla zingama-24 kuMandulo, umlandeli wase-Australia ophinde abe ngumshayeli womdlalo wamabhayisikili e-Adelaide, udwebe ingane isendaweni yokubhukuda, ibhukuda ngemuva kwemali eyi-dollar elengiswe kudobo lwenhlanzi oluyisithombe esifakwe kwi-GPS, waphinde washayela ibhayisikili amakhilomitha ayi-150 edolobheni elandela umdwebo wobuciko obudwetshiwe esithombeni.
Lo mphathi we-national parks project oneminyaka engama-45 uPete Stokes odume ngokudweba izithombe, esebenzisa i-Strava ne-tracker yokuzivocavoca, utshele i-Guardian ukuthi kumthathe amahora ayisishiyagalombili ukudweba i-album eyakhishwa ngonyaka wezi-1991 iqembu elahlakazeka ngonyaka wezi-1995.
“I-Nirvana inendawo lapho engiyibeke khona, okwilapho engibeka khona ama-album aqoshiwe. Ngesikhathi le-album iphuma ngangisafunda emabangeni aphakeme futhi lokhu kuyakhombisa ukuth ngiwuthanda kangakanani umculo,” kusho lo mdlali wamabhayisikili.
Ikhava engaphambili ike yaduma kwabezindaba ngemuva kokuba uSpencer Eldeni ingane edwetshwe ngaphambili kwekhava ye-album esineminyaka engama-30 manje, imangalela iqembu osekusele amalungu amabili uKrist Novoselic kanye noDave Groh ngemuva kokushona komsunguli waleli qembu uKurt Cobain ngonyaka wezi-1994, emangalela leli qembu ngoba uthi bamuxhaphaza esayingane.
Khonamanjalo lo mdlali wamabhayisikili usedwebe isithombe somdidiyeli womculo, ophinde abe ngumpetha ekudlaleni i-piano uLudwig Van Beethoven ukuze abungaze iminyaka engama-250 yokuzalwa kwakhe ngoZibandlela ngonyaka wezi-2020.
Umthombo wesithombe: Instagram