
Linda Ximba
Umshayisibhakela wesifazane uGeane Smith uthuse abaningi ngesikhathi elwa emqhudelwaneni kazwelonke wakamuva wesibhakela, ingane yakhe yomfana enamasonto ayisithupha ubudala iseduze kweringi.
Lo mshayisibhakela odabuka e-Springs, e-Ekurhuleni ubephakathi kwabashayisibhakela abebelindele ukuphumelela nokumela iNingizimu Afrika emiqhudelwaneni yamazwe ngamazwe ezayo.
Futhi kubonakala sengathi ukuba khona kwengane yomfana kaGeane, uJohn, kube ugqozi. Uzinqobe zonke izimpi zakhe ezintathu wazitholela indawo eqenjini laseNingizimu Afrika.
Ekhuluma ne-Scrolla.Africa, ngemuva kokufaka ukuhlula kwakhe uThabile Zulu waseKZN empini yabo ye-70kg, uGeane uthe “Bengingafuni ukuphuthelwa yileli thuba kodwa bengingeke ngikwazi ukumshiya ngemuva umfana wami”.
Uthe ugogo wakhe ubenaye futhi ubelokhu emeseka.
“Ngesikhathi ngikhulelwa ngonyaka odlule, abantu babecabanga ukuthi ngeke ngibuyele esibhakeleni. Ngiyajabula ukuthi sengibuyile futhi iphupho lami lokumela izwe lami emiqhudelwaneni emikhulu yamazwe ngamazwe lingafezeka”.
Ngaphambi kokuthi angene eringini, usana lukaGeane lomfana belufana nosaziwayo njengoba izikhulu nabanye abashayisibhakela bebeshintshana ngokuthwebula izithombe naloye.
Nomsindo wesixuku ovala izindlebe ububukeka ungeyona inkinga njengoba ebezilalele ngokuthula.
UGeane uvumile ukuthi ukuba khona kwengane yakhe kuye kwamphoqa ukuthi asebenze kanzima.
“Uyikhubalo lami lenhlanhla,” usho kanje.
“Ngifuna ukubonga ozakwethu nabaqeqeshi abangiphushe kanzima ekuziqeqesheni”.
INingizimu Afrika izoqhudelana ku-Zone 4 Games e-Angola ngoMbasa nakuma-Women’s Boxing Championships e-Turkey ngoNhlaba.