Celani Sikhakhane
Ingane encane iphakathi kwabantu abayisithupha ababulewe e-Gauteng nase-KZN kusukela ngeSonto.
Ingane yaseFolweni, eThekwini ishone ngesikhathi kuba nesiphithiphithi ngenkathi ababhikishi begqekeza isitolo sakwa-Boxer.
Amaphoyisa akuqinisekisile ukuthi bangama-219 abantu asebeboshiwe kulezi zifundazweni ezimbili kusukela ngeSonto.
Kushone abantu abane ezindaweni ezahlukene eThekwini ngeSonto ebusuku abebeyingxenye yombhikisho we-Free Zuma.
Kusolakala ukuthi owesilisa udutshulwe wabulawa ngunogada obezama ukuhlakaza iqulu lababhikishi abebeshisa amabhizinisi ngasehostela lase-Dalton.
Phambilini kudutshulwe kwabulawa owesilisa okusolwa ukuthi udutshulwe ngamaphoyisa abezama ukuvimba ukuphanga okwenzeka esitolo saseMtshebheni i-Shoprite eNanda.
ENquthu kubulawe owesilisa ngemuva kokudutshulwa ngababhikishi ezama ukuwela umgwaqo obuvaliwe endaweni yaseNkalankala.
ISiqiwi naso siphangiwe izolo ebusuku. Kubikwa ukuthi kwebiwe izinhlwathi ezinhlanu nezimfene eziyi-16.
Kutholakale enye yezimfene eMlazi.
Lesi sigameko sisazoqinisekiswa yi-SAPS yesiFundazwe.
E-Alex naseThokozani e-Gauteng kushone abantu ababili ngenkathi kuphangwa nezitolo.
Ukuntshontshwa kwempahla nokucekelwa phansi kwempahla e-KZN sekuholele ekutheni i-DA ne-IFP zifune ukuthi i-ANC iphumele obala izomisa le mibhikisho.