Lubhalwe nguRorisang Modiba
USamthing Soweto usegcine ekhulume ngodaba oluthinta i-albhamu yakhe ethi “Isiphithiphiti” ephendula u-DJ Maphorisa ngokuthi ama-master e-albhamu awakhe.
Lo mculi uvumile ukuthi wake wacabanga ukuthi umculo wakhe ngeke udayise ngaphandle kuka-DJ Maphorisa njengomdidiyeli womculo.
Yize ayejabule ngaleso sikhathi ukuthi angavumela uDJ Maphorisa athole udumo ngokudidiyela umculo wakhe, uSamthing uthi uDJ Maphorisa akazange awukhiqize umsebenzi wakhe.
“Iqiniso liwukuthi, nganginokuzethemba okuncane kakhulu ekuthengiseni umculo wami ngaphandle kwakhe njengomdidiyeli. Kwakubonakala sengathi izethameli zami zaziwuthanda umqondo abe umdidiyeli omkhulu, futhi ngangingafuni ukuphikisa lokho, ngase ngaqamba amanga,” kusho yena.
USamthing uveze ukuthi uMas Musiq noKabza De Small yadidiyela u-40% kuya ku-60% we”Siphithiphiti”.
“UMaphorisa akawudidiyelanga umsebenzi wami. Ngamkhokhela ngama-master, kodwa ngaqamba amanga ngamagalelo akhe emsebenzini wami. Akazange akhiphe lutho.”
USamthing uphinde wathi abantu asebenze nabo, okuhlanganisa neqembu lakhe lakudala, iThe Soil, basebenzise umsebenzi wakhe ngaphandle kwemvume noma izinkontileka ezisemthethweni.
Ubasole ngokukhipha umculo wakhe bengamtshelanga nokuzama ukudicilela phansi isithunzi sakhe ezinkundleni zokuxhumana uma ebuza imibuzo.
Lo mculi usanda kuba sematheni ngemuva kokungatholi udumo ngengoma ethi “Amalanga Awafani” noMas Musiq, uLawd Weezy, noDJ Maphorisa.
Yize abalandeli bebefuna akhulume kodwa uSamthing uthe ubhekane nalo ngasese udaba.
Isithombe esingenhla: USamthing Soweto no-DJ Maphorisa.
Umthombo: Instagram
