USalima Mukansanga uqophe umlando ngokuba ngunompempe wokuqala wesifazane ku-Afcon

Dylan Bettencourt

Uzoqopha umlando uSalima Mukansanga odabuka e-Rwanda ngokuba unompempe wokuqala wesifazane ku-Afcon. 

UMukansanga usohlwini lonompempe be-FIFA bamazwe ngamazwe abanegunya lokuphatha imidlalo ezingeni eliphezulu njengoba ibheji le-FIFA libekwe kumfaniswano wakhe.

Useke waphatha imiqhudelwano nemidlalo emikhulu ku-Women’s World Cup, i-Africa Women’s Cup of Nations kanjalo ne-CAF Women’s Champions League kodwa i-Afcon yalo nyaka kuzoba umqhudelwano wakhe wokuqala omkhulu wabesilisa.

Lo nompempe oneminyaka engu-33 ubudala ubephethe imidlalo eminingi yebhola labesifazane kuma-Olympics ayese-Tokyo ngo 2020.

Kuzobe kuno nompempe abangu-63 kulo mqhudelwano we-Afcon ozodonsa inyanga yonke. UMukansanga ungomunye wabesifazane abane ohlwini kodwa nguyena kuphela osohlwini  lonompempe kanti abanye bazobamba iqhaza ngokuba abasizi bakhe noma izikhulu zesine.

Abanye besifazane abathathu abasohlwini nguCarine Atemzabong wase-Cameroon, uFaitha Jermoumi noBouchra Karboubi base-Morocco.

Ekuqaleni ngenkathi uMakansanga esayintombazanyana wayefuna ukuba ngumdlali we-basketball okhokhelwayo kodwa washintsha waba ngunompempe wemidlalo yebhola eminyakeni engu-15 edlule futhi manje ungunompempe wesifazane ohamba phambili e-Afrika.

Uqhathaniswe nonompempe uPierluigi Collina ngenxa yobuntu obufanayo kanye nekhono labo lokugcina imithetho yomdlalo webhola.

Umthombo wesithombe: @KigaliToday

Izihloko zakamuva