Lubhalwe nguLungi Langa
Ukubulawa kosomatekisi ababili abaqavile kuhlukumeze umphakathi wase-Redcliffe, e-Verulam, ngokusho kwekhansela lendawo uFakazi Mdletshe.
Osomatekisi ababili badutshulwe bashona erenki yaseMhlasini ngoMsombuluko ekuseni.
Kusolwa ukuthi abesilisa ababili uBongani “Nombe” Shude (41) kanye noMzukisi Jozana (46) bebeserenki yamatekisi e-Hazelmere Drive bexoxa ngokukhululeka ngesikhathi bedutshulwa bebulawa abantu abangaziwa.
Ikhansela lesigceme sesi-60 uMdletshe uthe umphakathi wonke wase-Redcliffe usathuthumela ngalesi sigameko sokudubula.
Uthe laba ababili bebengabona nje osomatekisi kodwa bebewusizo emphakathini.
“La madoda amabili ebebambe iqhaza elikhulu ekuthuthukisweni komphakathi. Bebeyingxenye yamakomiti amaningi asebenzela umphakathi,” esho.
“Kwakuthi uma kunezinkinga ezithinta ukuphepha ngangihlezi ngibacela ukuthi basize. Bebehlonishwa kakhulu ngegalelo labo. Siphatheke kabi ngokubulawa kwabo.”
Uthe namanje abazi ukuthi yini eholele ekubulaweni kwabo.
Okhulumela inkampani yonogada ezimele i-Reaction Unit South Africa (Rusa) uPrem Balram, uthe bathintwe izakhamizi zasendaweni ngemuva kokuzwa kuqhuma isibhamu ekuseni ngoMsombuluko.
Ithimba lamaphoyisa kanye nodokotela bakwa-Rusa baphuthume endaweni yesigameko bathola izidumbu zala madoda amabili eceleni komgwaqo.
“Bathole amanxeba amaningi okudutshulwa kanti abosizo uluphuthumayo bathe bashonile endaweni yesigameko. Ngokusho kofakazi abashonile bebengabanikazi bamatekisi. Bebezixoxela erenki yaseMhlasini ngesikhathi abagibeli bemoto yohlobo lwe-Ford Ranger emhlophe bevulela ngenhlamvu bebhekise kubo,” kusho uBalram.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutanant Colonel Nqobile Gwala ukuqinisekisile ukuthi amacala amabili okubulala aphenywa ngamaphoyisa ngemuva kokuthi kudutshulwe kubulawe abantu ababili erenki yaseMhlasini.
UGwala uthe isimo ngesigameko sokudubula sisazophenywa.
Esithombeni esingenhla: Indawo lapho okushone khona labo somatekisi
Umthombo wesithombe: Reaction Unit South Africa