Izembe kuSisulu uRamaphosa enza izinguquko kwikhabhinethi

Lubhalwe nguZukile Majova
Umhleli wezepolitiki

Ngabe uMengameli uCyril Ramaphosa ubaxoshe bobabili uLindiwe Sisulu  noNkosazana Dlamini-Zuma kodwa wesaba.

Abangaphakathi kumbutho basitshela ukuthi ubengafuni ukusolwa ngokuphendula ukushintshwa kwekhabhinethi kube ukukhishwa kwezitha zakhe kwipolitiki.

Yize iKhabhinethi  idinga ukucutshungulwa, bathathu kuphela ongqongqoshe abaxoshiwe – uLindiwe Sisulu, owayengoNgqongqoshe wezokuvakasha, uNathi Mthethwa wezemidlalo, ezobuciko namaSiko noMaite Nkoana-Mashabane onguNgqongqoshe wentsha nabakhubazekile.

URamaphosa ongene esikhundleni ngo-2019 wathembisa ukunciphisa ikhabhinethi yakhe ayenze ibencane nokuthi isebenze kahle, kunalokho uqhubekile nokwandisa ikhabhinethi njengoba manje inezikhundla ezingu-30.

Ngesikhathi kumele ngabe uqasha ungoti wezamandla njengoNgqongqoshe eHhovisi likaMengameli obhekele ugesi, uye waqasha umuntu ongazi lutho ngalo mkhakha.

Ngokomthetho uMengameli uvunyelwe ukuthi aqashe ongqongqoshe ababili kanye nephini likaNgqongqoshe abangewona amalungu ephalamende, ngaleyo ndlela unikezwa ithuba lokuletha ubuchwepheshe bangaphandle.

UDlamini-Zuma owehluleke ngamalengiso njengoNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, wehliselwe esikhundleni sikaNgqongqoshe wabesifazane kanye nabakhubazekile esikhundleni sokuthi akhonjwe indlela.

Umbiko wesimo sohulumeni basekhaya wango-2021 womnyango kaDlamini-Zuma wathola ukuthi “omasipala abangama-64 kwabangu-257 abasebenzi kahle” futhi bangu-16% kuphela omasipala abathole ukucwaningwa kwamabhuku okuhlanzekile.

Yize izinga lokubulala linyuke cishe ngo-20% ngesikhathi eqala ukuphatha, uRamaphosa akakwazanga ukuxosha uNgqongqoshe wamaPhoyisa uMnu Bheki Cele.

Izibalo zakamuva zobugebengu zikhombisa ukuthi bangu-82 abantu ababulawa nsuku zonke kuleli.

Akekho noyedwa ungqongqoshe obhekene nenkinga kagesi kanye nokucishwa kukagesi- uNgqongqoshe wamaBhizinisi kaHulumeni uPravin Gordhan noma uNgqongqoshe wezokuMbiwa Phansi noGwede Mantashe – oxoshiwe kubona.

UMnu Paul Mashatile, obehola itulo lokuketula uRamaphosa uqokwe njengePhini likaMengameli.

URamaphosa, okhuphule abayisithupha abahamba phambili kwi-ANC babayisikhombisa ngokwethula iphini lesibili likaNobhala, usefake lelo sekela lesibili likaNobhala – uMaropene Ramakgopa – ohlwini lwabaholayo njengoNgqongqoshe eHhovisi likaMengameli obhekele ukuHlela, ukuQapha nokuHlola.

Ngakho-ke ukushintshwa kwekhabhinethi obekulindelwe ngabomvu okwenziwe uRamaphosa kuvele kwaba umswakama.

Esithombeni  esingenhla: Ngemuva kweminyaka ecishe ibe ngu-30 kuhulumeni uLindiwe Sisulu uxoshiwe

Umthombo wesithombe: @LindiweSisuluSA

Izihloko zakamuva