Lubhalwe nguBuziwe Nocuze
- Ukudubulana ekuseni erenki yaseNyanga kushiye kushone oyedwa kwalimala abayisithupha abanye babaleka.
- Amaphoyisa ashaqe izibhamu ezingamashumi amabili aphinde ahloma imibuzo onogada abayishumi nesishiyagalolunye ngemuva kokulwa kwamaqembu enhlangano yamatekisi ebanga imali.
Abagibeli abebethukile babalekele izimpilo zabo ngesikhathi oshayasibhamu bezinhlangothi ezimbili ezilwayo bevulela ngenhlamvu erenki yaseNyanga eKapa ngoLwesibili ekuseni, kwashona oyedwa kwalimala abayisithupha.
“Angikaze ngigijime kanjena empilweni yami,” kusho ufakazi ocele ukuba igama lakhe ligodlwe.” Nami ngizimangazile.
“Bengithandazela ukuthi ingangitholi nankancane inhlamvu njengoba lesi sigameko sokudubulana besiserenki yamatekisi.
UKhomishana wamaPhoyisa esifundazweni, uThembisile Patekile, uthe ukudubulana bekuphakathi kwamaqembu ayizimbangi enhlanganweni yamatekisi eyodwa.
“Ebantwini abayisikhombisa abadutshuliwe, kushone oyedwa, kanti ubengelona ilungu lomphakathi, ubeyingxenye yenhlangano yamatekisi ayizimbangi,” kusho uPatekile.
Amaphoyisa ashaqe izibhamu ezingamashumi amabili okubalwa kuzo izibhamu eziyishumi nantathu kanye namavolovolo ayisikhombisa. Bathathe abantu abayishumi nesishiyagalolunye enkampanini yonogada bayohlonywa imibuzo.
“Sizophenya nokuthi zifike kanjani lapha,” kusho uPatekile, enezela ngokuthi kungenzeka ukuthi udlame lumayelana “nemali yamabhakede” – imali eqoqwe kubashayeli bamatekisi.
UNobhala weNyanga Community Policing Forum, uMnuz Dumisani Qwebe ukhathazekile ngokuphepha kwabantu, ikakhulukazi izingane zezikole eziseduze.
“Sikhathazekile ngesimo sengqondo nokuphepha kwabagibeli, othisha nabafundi bezikole ezintathu eziseduze nerenki yamatekisi,” kusho uQwebe.
Ubancengile abaphathi bamatekisi ukuthi bakhulume esikhundleni sokudubulana.
“Sikholwa wukuthi bangazixazulula izinkinga zabo ngokuhlala phansi, baxoxisane ngokungaboni ngaso linye, baqhamuke nesixazululo kunokuthi bakhethe ukuthi babulalane bodwa.”
Umgibeli obedinwe eveva uthe osomatekisi banobugovu. “Abagibeli abangenawo ngisho amabhala bangalimala ngenxa yento abangayazi noma engahlangene nabo. Ungadubula kanjani erenki ngesikhathi sokuphithizela kwabantu?”
Osesithombeni esingenhla: Kudutshulwe abantu abayisikhombisa erenki yaseNyanga kwashona oyedwa kwathi abanye balimala.
Umthombo: Sithunyelwe