Lubhalwe nguRazeen Gutta
UMohamed Salah ube umshayimagoli ovelele we-Liverpool kwi-Premier League ngesikhathi eshaya igoli lakhe lika-129 bebhekene ne-Manchester United ngeSonto.
Igoli lalo mdlali (30) ngesikhathi benenebula izimbangi zabo ngo-7-0 e-Anfield limenze wahola phambili ngegoli elilodwa waba ngaphambi kukaRobbie Fowler ophethe irekhodi eliphezulu lokushaya amagoli kwi-Liverpool.
Ngesikhathi uSalah eqala ngamagoli angu-32 ngesizini yakhe yokuqala e-Merseyside ngo-2017/18, abaningi bambiza ngowenza izimanga ngesizini eyodwa.
Kodwa-ke, lesi sibalo okuyirekhodi emdlalweni wanoma yimuphi umdlali silandelwe amagoli angu-19 ashaywe yilo mdlali wase-Egypt kuwo wonke amasizini kusukela lapho. Ifomu yakhe ayikaguquki nhlobo.
Kulo mqhudelwano useshaye amagoli angu-11 wadlula abadlali abafana noMichael Owen kanye noSteven Gerrard ohlwini lwabadlali abashayele i-Liverpool amagoli kwi-Premier League. Futhi ifomu yakhe enhle yabonakala ngesikhathi edlula uKop “God” Fowler.
“Lena into eyikhethelo, ngeke ngiqambe amanga. Leli rekhodi belisemqondweni wami selokhu ngafika lapha. Ngicabanga ukuthi ngemuva kwesizini yami yokuqala bengihlezi ngijaha lelo rekhodi. Ukulephula namuhla sibhekene ne-United ngalo mphumela akukholakali,” esho. ngemuva komdlalo.
Kula magoli angu-129, ayishumi uwashaye bedlala nezimbangi zabo i-United – kanti irekhodi likaSalah bebhekene ne-Manchester lihle ukwedlula nanoma yiliphi iqembu eliyizimbangi.
Lo mdlali wasesiswini unethemba lokuqhubeka nefomu yakhe eshisayo uma i-Liverpool idlala ne-Bournemouth ngoMgqibelo. Lokhu kuza ngaphambi komzamo wabo wokuhlungela ukungena esigabeni esikhulu somkhumulajezi kwi-Uefa Champions League emlenzeni wesibili lapho abazobe bebhekene khona ne-Real Madrid ngomhlaka-15 kuNdasa.
Esithombeni esingenhla: UMohamed Salah
Umthombo wesithombe: @MoSalah