Lubhalwe nguKhaya Ndaba
Izehlakalo zomdlwenguli nombulali ewalahlwa icala uThabo Bester azihlukile nokubuka ifilimu eveza izigameko ezahlukene.
Ngesikhathi kuqubuka umlilo esitokisini sakhe sasejele nyakenye, uBester wakha itulo lokuthathwa njengomuntu oshonile kanti sekuyizindlela zokweqa ejele. Usanda kubonakala e-Sandton, eGoli kuNdasa nonyaka.
Ezinhlelweni zakamuva, uMnyango wezokuhlunyeliswa kwezimilo (DCS) uthi ngeke uyivuselele inkontileka yawo nenkampani yonogada i-G4S. Le nkampani inenkontileka yeminyaka engu-25 ne-DCS kanti kulindeleke ukuthi iphele ngo-2026.
I-G4S ithi uBester washonela esitokisini sakhe sasejele.
“Laba basebenzi baxoshwa kuMandulo nyakenye, kuZibandlela nyakenye kanye noMasingana nonyaka ngokulandelana kwabo ezindabeni eziphathelene nokungaziphathi kahle kwabo mhla zintathu kuNhlaba nyakenye,” kusho okhulumela i-G4S Correctional Services (South Africa) esitatimendeni.
UBester washaqisa umhlaba eminyakeni embalwa edlule ngemibiko yokuqola kwakhe ezinkundleni zokuxhumana, ukudlwengula, ukubulala, nokuphatha ibhizinisi ngempumelelo ejele. Muva nje isigebengu esilahlwe icala sakha itulo lokuzenza oshonile ukuze sizokwazi ukuphuma ejele.
UBester odume ngelika-“Facebook Rapist” ulahlwe amacala amabili okudlwengula, elokubulala nelokugebenga ehlomile wagwetshwa udilikajele ejele iMaguang Correctional Facility ngo-2011.
UBester kuthiwa ubezibiza ngoTom Motsepe ngesikhathi ezenza uSihlalo we-21st Century Media, okuyinkampani yabezindaba ayeyiphethe ngaphakathi ejele.
Ngo-2022, uBester kwabikwa ukuthi wazibulala futhi washonela esitokisini ngemuva kokuqubuka komlilo kanti kukholakala ukuthi amathambo akhe ayesesitokisini. Nokho okubonakale eGoli kuholele ekutheni abaseshi ezinkundleni zokuxhumana bavundulule itulo osekuphele iminyaka lingaziwa.
Kuvele ukuthi uBester akashonanga wakwazi ukweqa ejele futhi wayehlala ngaphansi kwe-radar.
Amaphoyisa nophiko lwezokuhlunyeleliswa kwezimilo bebebhekwe ngabomvu njengoba kuvela ukuthi ukuphunyuka kukaBester bekungeke kwenzeke ngaphandle kosizo futhi kuthiwa ugwazile.
Amaphoyisa kuthiwa aphume umkhankaso wokumthungatha ezama ukuphinda abambe lesi sigebengu, kodwa okubuhlungu uBester ukwazile ukuphunyuka emehlwebni abo.
Amaphoyisa avule icala lokubulala kanti asaphenya futhi sekukhishwe nencwadi egunyaza ukuthi aboshwe.
Osesithombeni esingenhla: UThabo Bester
Umthombo wesithombe: Twitter