Usafuna ubulungiswa umndeni kalowo owadutshulwa bukhoma kumabonakude

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

Sekuphele iminyaka engu-12 u-Andries Tatane adutshulwa ngamaphoyisa emini kabha, phambi kwamakhamera kamabonakude namalungu omphakathi.

Lesi sishoshovu senhlalakahle sasiyingxenye yamalungu omphakathi ayegcwele emigwaqeni efuna ukuthola amanzi aphuma empompini kuMasipala wase-Setsoto, e-Ficksburg.

Izithombe zikamabonakude zazikhombisa ukuthi uTatane wayengahlomile futhi wayengelona usongo emaphoyiseni.

Ngemuva kweminyaka eyishumi nambili, umndeni wakhe usalwela ukuthi umbulali wakhe abekwe icala.

NgoLwesihlanu, umndeni uvakashele ithuna lakhe ukuzokhumbula iminyaka engu-12 ashona. 

Amaphoyisa ayisikhombisa ayesolwa ngokubulala nokushaya adedelwa eNkantolo yeMantshi yase-Ficksburg ngo-2013.

Udadewabo kaTatane, uSeipati Tatane, utshele i-Scrolla.Africa ukuthi umndeni awukapholi ekubulaweni ngesihluku kukamfowabo.

“Okubuhlungu kakhulu ukuthi abantu abambulele bakhululekile futhi bayaqhubeka nempilo sengathi akwenzekanga lutho.

“INkantolo isihlulekile, satshelwa ukuthi abasolwa badedelwe ngoba bungekho ubufakazi bokubashushisa. Asikuqondi lokhu ngoba lesi sigameko sithathwe ngabezindaba. Yibuphi obunye ubufakazi obudingwa iNkantolo?”

Uthe basebenzisana ne-Forum 4 Service Delivery (F4SD) kwisikhalazo sokuthi kuphenywe kabusha ngokushona ngesihluku kukaTatane.

“Ngeke siphumule kuze kuhoxiswe isinqumo seNkantolo abasolwa bagqunywe ejele.”

UMengameli we_F4SD, uMbahare Kekana uthe ukushona kukaTatane kwaveza ukungezwani okubuhlungu emphakathini kanye nobunzima kubantu bakuleli ababhekana nabo nsuku zonke.

“Amaphoyisa asaqhubeka nokwehluleka ukusingatha imibhikisho yomphakathi futhi asabona ababhikishi njengezitha zabo kunabantu abalwela amalungelo abo.

“Zonke izinsiza zikahulumeni kufanele zisekelwe abampofu kakhulu kufanele baqinisekiswe ilungelo lokuphila, isithunzi nenhlonipho. Nokho uTatane waphucwa wonke lawo malungelo ngebhadi washona ngendlela engenasithunzi.”

UKekana wengeze ngokuthi uTatane wayenesibindi sokuhola phambili umphakathi ayewusebenzela, kodwa eminyakeni engu-12 yakamuva uMasipala wase-Setsoto awukakwazi ukuletha izidingongqangi kubantu.

Isithombe esingenhla: Umndeni ka-Andries Tatane

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva