Usabela impilo yakhe uthisha ojahwe umfundi ngembazo

Buziwe Nocuze

Ngesikhathi umfundi elwa nozakwabo ephuma esikoleni eyolanda isikhali uthisha ubonile ukuthi kumele angenelele.

Ngakho uvele wakhiya isango ukuze umfana angaphinde angene esikoleni futhi angaphinde afake engozini abanye abafundi.

Kodwa lo mfundi obethukuthele uqgekeze uthango lwesikole waqonda ngqo kuthisha.

Kwividiyo eshaqisayo lo mfundi ubonakala ejaha uthisha ephethe imbazo ngesikhathi ontanga bakhe behleka bemjabulela.

Uthisha ethukile ugijime wayocasha lapho okuhlala khona abanye othisha. 

Lokhu kwenzeke esikoleni samabanga aphezulu eChibini e-Lady Frere e-Eastern Cape ngoLwesine.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo e-Eastern Cape uMalibongwe Mtima uthe abafundi ababili baxabene, lo mfundi okukhulunywa ngaye washaya abafundi ngempama.

“Uqale washaya omunye umfundi wabe esehamba waya ekhaya eyolanda isikhali esiyingozi ukuze kuqhubeke impi,” kusho uMtima.

Uthe kubizwe amaphoyisa ukuthi azongenelela kulolu daba. Uthishomkhulu uyalele umfundi ukuthi agoduke abuye nomzali kodwa wahluleka.

“Uthishomkhulu, isigungu esilawula isikole, umzali nomphathi wesekhethi bazoba nomhlangano wokuxazulula lolu daba kanye nesigwebo esingase sithathelwe lo mfundi ofake abanye engozini,” kusho uMtima.

UMtima ukuqinisekisile ukuthi lo mfundi ubekwe icala lokucekela phansi impahla, elokushaya nelokutholakala nesikhali esiyingozi.

Izihloko zakamuva