Usabela impilo yakhe owesifazane osatshiswe ngokudlwengulwa  

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

Ngesikhathi owesifazane wase-Khayelitsha ecela abashayeli ukuthi bapake izimoto zabo ngendlela efanele uthole ukusatshiswa ngokudlwengulwa. 

Laba besilisa bebepake ngendlela engafanele ngoMsombuluko kanti izakhamuzi bezithwala kanzima uma zifuna ukudlula. Lona wesifazane (31) othandana nobulili obufana nobakhe ucele laba besilisa ukuthi bapake izimoto zabo ngendlela efanele ukuze abantu badlule ngaphandle kokuphazamiseka.

“Bengicabanga ukuthi ngenza okufanele ngokubacela kahle. Akuzange kungene engqondweni yami ukuthi ngingathola izinsongo zokudlwengulwa.”

Nokho abesilisa baphendule ngenhlamba nezinsongo bemkhumbuza ukuthi ungowesifazane akusho lutho ukuthi ujola nabanye besifazane. Isisuli sishaqekile ngokuziphatha kwabo, sathi, “Angizange ngibe luhlaza kubo indlela abangithuka ngayo ikhombisa ukuthi lokhu bakujwayele ukukwenza.”

Ngokuzizwa engaphephile ukhethe ukubikela amaphoyisa esiteshini sase-Harare. Ngeshwa impendulo ayitholile ibidumaza kakhulu. “Iphoyisa ebelingisiza lingitshele ukuthi ukuvulela icala labo ngeke kwenze ushintsho ngoba amacala afana nelami awakaze afike kude e-Khayelitsha.”

Isisulu sizwakalise ukuphoxeka kwaso sathi: “Ngishaqekile ukuthi ngithole impendulo enje kubantu bomthetho. Bengithemba ukuthi bazolisukumela phezulu leli cala.”

UFuneka Soldaat, oyisishoshovu se-LGBTQI+ sase-Western Cape aphinde abe ngumsunguli wenhlangano i-Free Gender uthe lesi sigameko sigqamisa umzabalazo oqhubekayo wokwamukela nokuphepha kwamalungu omphakathi we-LGBTQI+ kuleli, lapho ubugebengu benzondo obubhekiswe kuwo budlangile.

“Abantu abathandana nobulili obufana nobabo bahlezi beyizisulu zokudlwengulwa, kodwa iningi labo alizimisele ngokuvula amacala, basaba ukuthi isikhathi esiningi abanakwa eziteshini zamaphoyisa ngisho abaseshi imbala ababanaki.”

Ephendula uWarrant Officer Nosiphiwo Mtengwane okhulumela amaphoyisa e-SAPS e-Harare ukuqinisekisile ukuthi kuvulwe icala lokusabisa ukuze kuphenywe. Ubuye wengeza ngokuthi umphenyi wecala ubengazi ngephoyisa elikhulume la mazwi adumazayo.

Esithombeni esingenhla: Owesifazane othandana nobulili obufanayo ovule icala esiteshini samaphoyisa e-Harare e-Khayelitsha, eKapa ngemuva kokuba abesilisa basabise ngokumdlwengula, uphinde wathuswa impendulo ayithola ephoyisa elimtshela ukuthi amacala afana nalawa awayi kude e-Khayelitsha. 

Umthombo wesithombe: UBuziwe Nocuze

Izihloko zakamuva