Usabela impilo yakhe owabona unina ebulawa nguyise

Everson Luhanga

Owesilisa oboshiwe wathweswa icala lokubulala unkosikazi wakhe angase abhekane nelinye icala lokusabisa, ngemuva kokuthumela imiyalezo esabisa indodakazi yakhe.

Kule miyalezo, uSamuel Kgoedi kuthiwa usabise ngokubulala indodakazi yakhe uma kungenzeka adedelwe esitokisini.

Ngesonto eledlule, icala likaKgoedi lidluliselwe eNkantolo eNkulu yaseGoli, lapho icala lizoqala khona ngomhlaka-25 kuNhlolanja.

Indodakazi yalezi zithandani, u-Anastancia Kgoedi, ithe umama wakhe wasinda ekuhlaselweni ngesando  ezandleni zomyeni wakhe ngo-2018.

“Ngesikhathi belwa, wathatha isando wazama ukushaya umama,” kusho u-Anastancia etshela i-Scrolla.Africa.

“Wakwazi ukumehlula wamphuca isando wasinda kanjalo.”

Uthe unina wavulela ubaba wakhe icala lokuzama ukubulala. Waphinde walihoxisa icala ngemuva kwamasonto amabili.

“Waphuma ejele kodwa izinkinga zabo zomshado zaqhubeka,” kusho indodakazi yabo.

Ngomhlaka-9 kuMasingana 2021, lezi zithandani zaba nenye impi. Kulokhu kwaba into enkulu kakhulu.

“Ubaba waphinda wathatha isando.

“Kulokhu, umama akakwazanga ukumphuca isikhali wabe esemshaya kabili ngemuva ekhanda wawa phansi,” kulandisa u-Anastancia.

“Umama waquleka wawa phansi wathulela khona lapho.”

Wabiza igama likamama wakhe wambona engaphenduli. Abosizo oluphuthumayo baqinisekisa ukuthi ushonele endaweni yesigameko.

Amaphoyisa abopha ubaba ka-Anastancia ngosuku olulandelayo emzini wakhe e-Rabie Ridge, eduze nase-Tembisa e-Kurhuleni, lapho ayebhace khona.

UKgoedi akakayitholi ibheyili. Kodwa ngesikhathi esejele, u-Anastancia uthi ubelokhu ethola imibhalo evela kubaba wakhe emsongela ngokumbulala.

“Ngiyajabula ukuthi iNkantolo imgcine ejele selokhu aboshwa,” kusho indodakazi.

Ngesikhathi evele okokugcina eNkantolo yeMantshi yase-Tembisa ngomhlaka-1 kuNhlolanja, amalungu omphakathi kanye nezishoshovu zobulili zimashele eNkantolo beyokweseka umndeni. Bebefuna ukuthumela umyalezo oqinile eNkantolo ukuthi ingamniki ibheyili.

Izihloko zakamuva