Lubhalwe nguDoreen Mokgolo
UKelebogile Mashigo wahlaselwa washaywa kabuhlungu ngumyeni wakhe ngesikhathi emtshela ukuthi uyawushiya umshado wabo weminyaka emihlanu.
Washaya umgilwa (27) ongowase-Mmotla, e-North West, wamshisa nasebusweni nangaphezulu emzimbeni ngoketshezi lwe-acid ngomhlaka-15 kuNhlaba.
Umsolwa wabekwa icala lokuzama ukubulala, elodlame elisukela ebulilini, kanye nokwephula incwadi yokuvikela ngesikhathi evele eNkantolo yeMantshi yase-Moretele.
Inkantolo isihlehlisele umhlaka-10 kuNtulikazi isicelo sakhe sebheyili ukuze umshushisi omusha ezobhekisisa kahle icala.
UMashigo uthe uzoyincenga inkantolo ukuthi imnqabele umyeni wakhe ibheyili njengoba esabela ukuphepha kwakhe nendodana yabo uma ephuma esitokisini.
“Ngiyamazi ukuthi uyinhloboni yomuntu nokuthi yini akwazi ukuyenza. Akawesabi nhlobo umthetho futhi ukukhombisile lokhu ngokuqhubeka nokwephula imibandela yomyalelo wokuvikela,” uMashigo etshela i-Scrolla.Africa.
“Phambilini useke wangisabisa ngesibhamu sakhe esisemthethweni. Ngesikhathi ngibika udaba emaphoyiseni, sathathwa isibhamu wabe esexwayiswa.
“Kamuva wakwazi ukuthola esinye isibhamu ngokungemthetho, ayevame ukungisongela ngaso izikhathi ezimbalwa. Ngithe uma ngibikela amaphoyisa ngatshelwa ukuthi ubufakazi buyashoda ngoba isibhamu abasitholi.
“Ngagqugquzelwa ukuthi ngifake isicelo somyalelo wokuvikelwa, okuyinto ayephule kaningi,” kusho uMashigo.
Uqhube wathi ngosuku langaphambi kokuba umyeni wakhe amhlasele, wamthumelela umqhafazo emesabisa ngokuthi uzofunda ukuthi inja eboshwe ngentambo yenza kanjani uma isigqashuliwe.
“Wangilinda eduze kwasekhaya, wangiphushela phansi, wangithela nge-acid ewuketshezi ebusweni nangaphezulu komzimba.
“Waya esiteshini samaphoyisa eyobika ukuthi mina ngizimisele ngokumqambela amanga ngokungibhunyela ngamanzi ashisayo,” kusho uMashigo.
Selokhu aphuma esibhedlela, uMashigo nendodana yakhe bebebhacile besabela ukuphepha kwabo.
“Angazi ukuthi uzosenzani. Uma enqatshelwa ibheyili nginovalo lokuthi uzoqasha abantu abazoqeda akuqalile.
“Nginxusa izikhulu zomthetho ukuthi zinikeze mina nendodana yami ukuvikelwa esikudingayo,” kusho uMashigo.
Osesithombeni ngenhla: UKelebogile Mashigo.
Umthombo: Sithunyelwe