URudy wenziwa ihlaya

Ummeli kaMengameli uDonald Trump uRudy Giuliani udalulwe kwibhayisikobho efake isandla ebhulukweni.

Uwele kwi-prank eyihlazo kwibhayisikobho, i-Borat 2, ekhishwe ngempelasonto.

Kuleli hlaya umlingisi osemusha ozenza umuntu obemubuza imibuzo kumabonakude umema ummeli ukuthi abuyele egumbini lakhe.

Akazi ukuthi kuyalingiswa nje.

UGiuliani, oneminyaka engama-76, ubonakala elele embhedeni bese efaka isandla sakhe phakathi ebhulukweni esinyakazise ngenkathi umlingisi emi phambi kwakhe.

Uphazanyiswa usomahlaya uSacha Baron Cohen, umqondisi webhayisikobho ongena egumbini lokulala egqoke izingubo zangaphansi ezibomvana zabantu besifazane.

“Uyindodakazi yami. Ngiyacela, thatha mina esikhundleni sakhe.”

Izinkundla zokuxhumana zibe nenkundla yokudlala.

“Mfowethu! Ubefuna ukukhuluma ngokhetho hhayi ngenduku yakho,” kusho enye i-tweet.

Isithombe: @MichaelCohen212

Izihloko zakamuva