Dylan Bettencourt
Umdlali wasemuva waseJalimane ophinde adlalele i-Chelsea u-Antonio Rudiger wayazi okuncane kakhulu nge-Sierra Leone kwaze kwaba yilapho evakashela lelizwe okokuqala eminyakeni emihlanu edlule.
Ngenkathi ekhuluma ne-Goal kuleli sonto uRudiger uthe “ukuvakasha kwami e-Sierra Leone okokuqala eminyakeni emihlanu edlule kwangifundisa ukuthi yonke into esiyibiza ngenkinga lapha e-Europe akuyona neze inkinga”.
Umama wakhe wabaleka kuleliyazwe ngo-1991 ngesikhathi kunempi yombango. Naphezu kokuzalelwa e-Jalimane futhi nokungahlali e-Sierra Leone isikhathi eside, uRudiger manje uzizwa esondelene kakhulu nekhaya lakhe lesibili.
“Nginethuba lokusiza abanye nokwenza izimpilo zezingane nemindeni yazo ibe ngcono ngebhola. Kuyangijabulisa ukubona izingane zimamatheka,” esho.
URudiger ubambe iqhaza enhlanganweni esiza izingane i-BigShoe esedolobheni lase-Lunsar. Ukubamba iqhaza kwakhe kuvumele izingane eziningi okutholwe ukuthi zinezinyawo ezigoqanayo ukuthi zelashwe ngokuhlinzwa.
Kuze kube manje uRudiger usesize izingane ezingu-11, ngokuthumela umfaniswano wakhe webhola weqembu le-Chelsea onegama lakhe nenombolo ngemuva enganeni ngayinye.
“Zonke izingane zinamaphupho, kodwa akuzona zonke ezithola ithuba lokuwalandela. Ngifuna ukukushintsha lokho,” esho.
Uthe uyeseka ngokugcwele i-Sierra Leone kwi-Afcon yalo nyaka futhi ukhuluma nabadlali abaningi abaseqenjini lesizwe.
“Ngicabanga ukuthi uyancomeka umqondo weqembu. Bonke bangabadlali abamangalisayo futhi abazinikelayo kuyo yonke imidlalo yabo. Ukudlala kwabo ngokulingana ngo-0-0 bedlala ne-Algeria kube yimpumelelo enkulu,” esho.
I-Sierra Leone isidlale ngokulingana kuyo yomibili imidlalo yesigaba samaqoqo kanti izodlala umdlalo wayo wokugcina ne-Equatorial Guinea ngoLwesine. Ukunqoba kuzobenza badlulele esigabeni somkhumulajezi walo mqhudelwano.
Umthombo wesithombe: @ToniRudiger