Lubhalwe ngu-Everson Luhanga
Kutholwe umakhalekhukhwini esitokisini salowo owalahlwa icala lokubulala owaziwa ngokubulalela imali yomshwalense uRosemary Ndlovu.
NgeSonto okhulumela uMnyango wezokuHlunyeleliswa kweziMilo (DCS) uSingabakho Nxumalo uthe uMnyango uvulele uNdlovu amacala angaphakathi “ngokwephula umthetho wezokuHlunyeleliswa kweziMilo” ngemuva kokubanjwa nomakhalekhukhwini.
“Iziboshwa ezitholwa ziphethe omakhalekhukhwini zijeziswa ngokwesigaba 23(1) soMthetho wezokuHlunyeleliswa kweziMilo. Bajeziswa ngokufanele ngequbo engabandakanya ukuhoxiswa kwamalungelo isikhathi esithile.
“Izenzo ezingekho emthethweni nokuziphatha okungafuneki kweziboshwa akunandawo ezikhungweni zokuhlunyeleliswa kwezimilo. I-DCS isebenzela ukuzuza izikhungo ezingadayiswa yingakho kusetshenziswa izindlela ezahlukene zokususa zonke izinto ezingekho emthethweni ezikhungweni zethu,” kusho uNxumalo.
Owayeyiphoyisa esiteshini samaphoyisa e-Tembisa South uNdlovu walahlwa icala lokubulala izihlobo zakhe eziyisithupha okuhlanganisa nomlingani wakhe phakathi kuka-2012 no-2018. Kwatholakala ukuthi wathola imali yomshwalense elinganiselwa ku-R1.4m ngemuva kokushona kwezisulu zakhe.
UNdlovu wagwetshwa odilikajele abayisithupha ngamacala okubulala, iminyaka eyishumi icala ngalinye ngamacala amane wokukhwabanisa, iminyaka eyishumi icala ngalinye ngamacala ayisikhombisa okubulala kanye neminyaka eyishumi ngokuzama ukubulala unina uMaria Mushawana.
I-Scrolla.Africa saqala ukushicilela lolu daba ngo-2019 ngemuva kokuthi uNdlovu aqoshwe kwividiyo ezama ukuqasha iphoyisa alalizifihlile nenye indoda eyayizenza inkabi ukuthi babulale udadewabo uJoyce nezingane zakhe ezinhlanu. Lokhu kwaholela ekubeni aboshwe kamuva wagwetshwa.
Akukhona okokuqala uNdlovu etholakala nomakhalekhukhwini. Ngo-2020 i-Scrolla.Africa sabika ukuthi wasuswa ejele lase-Johannesburg wayiswa ejele laseKgosi Mampuru II ngemuva kokuthi atholakale nomakhalekhukhwini.
Funda uchungechunge lokuqala lwe-Killsurance ku-Scrolla.Africa.