Everson Luhanga
URosemary Ndlovu, owayeyiphoyisa owaqanjwa igama elithi indlovukazi yomshwalense, ubhekene nesigwebo eside esejele ngemuva kokutholakala enamacala okubulala.
IJaji uRamarumo Monama, wenkantolo enkulu yaseGoli e-Palmridge, uthe ngoLwesihlanu uRosemary inkantolo imthola enamacala okubulala izihlobo zakhe ngenxa yomholo womshwalense. Inkantolo iphinde yamthola enecala lokuqola izinkampani eziningi zomshuwalense, njengoba ayebabhalile kumshwalense ngaphambi kokuba ababulale.
Inkantolo imthole enecala lokubulala laba abalandelayo:
● UWitness Madaka Homu umzala wakhe, ambulala ngoMbasa ngonyaka wezi-2012
● U-Audrey Somisa Ndlovu, udadewabo ambulala ngoNhlangulana ngonyaka wezi-2013
● UYingwana Maurice Mabasa, isoka lakhe alibulala ngoNcwaba ngonyaka wezi-2015
● UBrilliant Mashego, umshana wakhe ambulala ngoZibandlela ngonyaka wezi-2016
● UZanele Motha, umshana wakhe ambulala ngoNhlangulana ngonyaka wezi-2016
UNdlovu uphinde watholwa enecala lalokhu okulandelayo:
● Ukugqugquzela ukubulawa kukadadewabo nezingane ezinhlanu eMpumalanga
● Ukwakha itulo lokubulala unina
Njengenjwayelo uNdlovu ubebukeka ezothile. Ubegqoke ingubo yakhe ayithandayo enezimbali, izicathulo eziphakeme ezicwebezelayo, kanye newashi esandleni elicwebezelayo legolide.
Phakathi kwabantu abebehambele lesi sinqumo kubalwa owayengumphathi wakhe uColonel Boloka, umfowabo uNdlovu onguMqondisi wamaphoyisa ku-SAPS, kanye nomfowabo wesoka lakhe elingasekho uJustice Mabasa.
Ngaphambi kokuthi kuphothulwe ukwethulwa kwesigwebo enkantolo, iJaji uMonama uncome ukusebenza kanzima komphenyi wecala umseshi uSayitsheni uKesh Mabunda, kanye nommeli wombuso uRiana Williams.
Ijaji lize labonga nommeli kaNdlovu uSoko othe kwesinye isikhathi ubezizwa ngathi angaliyeka leli cala.
Icala lihlehliselwe umhla zi-5 kuLwezi ukuze kukhishwe isigwebo esimfanele ngaphambi kwenkantolo.