URonaldo usethole ikhaya lokugugela 

Lubhalwe nguRazeen Gutta

Akuzange kuthathe isikhathi eside ukuthi uCristiano Ronaldo athole iqembu elisha ngemuva kokushiya i-Manchester United – kodwa ukuya kwakhe eqenjini lase-Saudi Arabia i-Al Nassr kuphakamisa imibuzo eminingi engenazimpendulo.

Ibiza inani elingakanani ngempela inkontileka yakhe enkulu? Obani i-Al Nassr? Ubani ozobe edlala nomdlali wase-Portugal futhi ubani ozoba umqeqeshi wakhe?

Ningesabi; silapha ukuzochaza konke enidinga ukukwazi mayelana nokuhamba kukaRonaldo okuyimpikiswano.

I-Al Nassr

Uzoya eqenjini elizinze edolobheni lase-Saudi Arabia i-Riyadh elingaphansi kwe-Pro League i-Al Nassr okungelinye lamaqembu lama-Arab eliphumelele kakhulu futhi eseliwine izindebe ezingu-20 sezizonke.

Njengamanje leli qembu liqeqeshwa yilowo owake wadlala e-France uRudi Garcia, kanti manje selizoba nesihlabani se-Manchester United nophinde abe isihlabani somhlaba uRonaldo ezincwadini zalo.

Uzobe edlala nezihlabani ezifana noVincent Aboubakar wase-Cameroon kanye nowayengunozinti we-Arsenal uDavid Ospina.

Inkontileka ephula irekhodi

Lo mdlali osewine indondo ye-Ballon d’Or amahlandla amahlanu uzoba umdlali webhola okhokhelwa kakhulu emlandweni walo mdlalo, kanti imibiko eminingi ithi umholo wakhe wonyaka ufinyelela ku-£175 million cishe u-R3.4 billion.

URonaldo ozohlanganisa iminyaka engu-38 ngenyanga ezayo, uzodlala e-Saudi Arabia kuze kube yilapho eba neminyaka engu-40 ubudala njengoba inkontileka yakhe izophela ngoNhlangulana ngo-2025.

“Umbono we-Al Nassr uyakhuthaza futhi uyamangalisa. Ngikubheke ngabomvu ukudlala kwiligi ehlukile ezweni elihlukile. Ngijabule kakhulu ukujoyina ozakwethu ngokushesha,” kusho ukaputeni we-Portugal ngesikhathi eveza ezokuba umdlali we-Al Nassr.

URonaldo usekulungele ukuqokwa futhi angase abonakale okokuqala ngoLwesine emdlalweni wabo wasekhaya bebhekene ne-Al Ta’ee.

Esithombeni esingenhla: UCristiano Ronaldo

Umthombo wesithombe: @cristiano

Izihloko zakamuva