Razeen Gutta
Igoli likaCristiano Ronaldo lenze ukuthi i-Red Devils inqobe ngamagoli amathathu kwamabili ibhekene ne-Arsenal e-Old Trafford ngoLwesine ebusuku.
Lo mdlali owaziwayo wase-Portugal ushaye igoli lakhe lama-800 ukuze adlule uMichael Carrick njengohamba phambili ngokushaya amagoli.
UCarrick unqume ukushiya ikilabhu kulandela umsebenzi kwakhe weminyaka eyi-15 njengomdlali nomqeqeshi, kuqinisekisa ikilabhu esitatimendeni ngemuva komdlalo.
Lo mdlalu waseNgilandi waqala ukuthatha indima yokuqeqesha ekupheleni komsebenzi wakhe wokudlala ngowezi-2018. Usize abaphathi bangaphambilini uJose Mourinho no-Ole Gunnar Solskjaer ku-touchline ngaphambi kokuthatha izintambo njengomphathi wesikhashana ngenyanga edlule.
Ukaputeni we-Manchester United, uHarry Maguire, uthe ngemuva komdlalo egumbini lokushintshela bekumncu ngemuva kokuthi bezwe lezi zindaba: “Uyiqhawe lekilabhu futhi sizomkhumbula,” esho.
“Kusithuse kakhulu. Ngemuva komdlalo uthe ubengafuni ukuthi konke kube ngaye, kodwa uyehla esikhundleni. Uzokwamukeleka kuleli qembu noma yinini uma ethanda futhi nginesiqiniseko sokuthi abalandeli bayohlezi betusa igama lakhe,” kwengeza uMaguire.
Umqeqeshi omusha we-Manchester United uRalf Rangnick uzothatha izintambo okokuqala ngqa njengoba bezobhekana ne-Crystal Palace kule mpelasonto. URangnick ubengumsizi e-Old Trafford emdlalweni we-Arsenal futhi uqokwe njengomphathi wesikhashana kuze kuphele isizini.
Ukunqoba ngamagoli amathathu kwamabili kwenze i-Manchester United inyukele endaweni yesikhombisa, ngamaphuzu amabili nje kuphela ngemuva kwe-Arsenal esendaweni yesihlanu. Komunye umdlalo wasebusuku, i-Tottenham Hotspur inqoobe izivakashi i-Brentford City ngamagoli amabili eqandeni. Lokhu kubashiya besele ngephuzu elilodwa ngemuva kwe-United esendaweni yesithupha ngaphambi kwemidlalo yamaholidi kaKhisimusi ematasa.