URonaldo usekhululekile ukuthi angagijima okokugcina eNdebeni Yomhlaba

Lubhalwe nguRorisang Modiba

URonaldo uthole ukuvinjelwa imidlalo emithathu kodwa wangadlala kowodwa kuphela okumvumela ukuthi adlale eNdebe Yomhlaba wonke ka-2026.

I-Fifa ixwayise ngokuthi uRonaldo uzobhekana necala elisele lokumiswa uma ephinda icala elifanayo esikhathini esingangonyaka.

URonaldo ubambelele ephusheni lakhe leNdebe yoMhlaba ngemuva kokubalekela ukumiswa ngokugcwele kuFifa.

Lo mgadli oneminyaka engu-40 ubudala ukhishwe ngekhadi elibomvu ngasekuqaleni kwenyanga ngokushaya ngendololwane u-Dara O’Shea.

I-Portugal ihlulwe ngo-2-0 e-Dublin. Bekuyikhadi elibomvu lokuqala emidlalweni yakhe engy-226 yamazwe ngamazwe.

IFifa yamnika isigwebo semidlalo emithathu, kodwa imidlalo emibili yalengiswa unyaka wonke.

Lokho kusho ukuthi bekufanele adlale umdlalo owodwa,okuwumdlalo i-Portugal esiwudlalile ngesikhathi inqoba i-Armenia.

Njengoba lowo mdlalo usudlulile, uRonaldo usevunyelwe ukudlala uma kuqala iNdebe Yomhlaba ka-2026 e-USA, e-Mexico nase-Canada.

I-Fifa esitatimendeni esithunyelwe ne-AFP ithe imidlalo emisiwe izobuya uma uRonaldo enza okunye ukwephulwa komthetho okufana nalokhu kungakapheli unyaka.

URonaldo useshayele i-Portugal amagoli angu-143 kanti unethemba lokuthi uzobonakala eNdebeni yoMhlaba yesithupha. Naphezu kokusebenza kwakhe isikhathi eside, akakaze aphakamise indebe yomhlaba. Umzuzu wakhe omkhulu ne-Portugal wafika ngo-2016 lapho iqembu liwina i-Euro.

Ubuye waya kwisidlo sasebusuku sase-White House muva nje, lapho uMengameli waseMelika uDonald Trump ethe indodana yakhe uBarron ingumlandeli omkhulu walesi sihlabani sase-Portugal.

Ukuqhathwa kwamaqembu eNdebe yoMhlaba kuzoba ngomhlaka-5 kuZibandlela.

Esithombeni esingenhla: UCristiano Ronaldo ngesikhathi somdlalo we-Portugal.

Umthombo wesithombe: Asithunyelwanga

Izihloko zakamuva