URonaldo usanethonya elikhulu kwelikanobhutshuzwayo

Lubhalwe nguDylan Bettencourt

Ukuthuthela kukaCristiano Ronaldo ezweni lase-Saudi Arabia eqenjini i-Al Nassr kungase kusho ukuphela komsebenzi wakhe wokuncintisana, kodwa ithonya lakhe lisafana.

Kuwo wonke umsebenzi wakhe wokudlala ibhola, lo mgadli wase-Portugal ubengomunye wosaziwayo abanethonya emhlabeni ezuza izigidi zabalandeli ezinkundleni zokuxhumana. Futhi lelo thonya liye lahlala linamandla naphezu kokuthuthela kwakhe kwiligi naseqenjini elingaziwa.

Kungenzeka ukuthi i-Al Nassr ibingaziwa phambilini kodwa lokho sekushintshe kakhulu. Sebezuze abalandeli abangu-8.5 million kusukela bememezele ukusayiniswa kukaRonaldo. Ngesonto eledlule bebenabalandeli abangu-500,000 ku-Instagram, manje sebenabalandeli abangu-9.6 futhi bayanda abakhombisi ukwehla.

Manje sebenabalandeli abaningi ukwedlula amaqembu afana ne-Inter Milan, i-Ajax, i-Leicester City kanye ne-AS Roma.

Lo mdlali (37) bekumele adlale umdlalo wakhe wokuqala bebhekene ne-Al Ta’ee ngoLwesihlanu ngehora lesihlanu ntambama kodwa ukumiswa akuthola kwi-Manchester United kuvimbele noma yiliphi ithuba lokuvela kwakhe okokuqala.

NgoLwezi watholwa enecala lokuziphatha ngokungafanele nobudlova i-English FA kulandela isigameko esenzeka phakathi kwakhe nomlandeli we-Everton ngoMandulo odlule.

URonaldo wavinjelwa imidlalo emibili ahluleka ukuyidlala ngesikhathi eseNgilandi, ngakho kwadingeka ukuthi ayoqhuba umsebenzi wakhe kwenye indawo.

Abalandeli bazophoqeleka ukuthi balinde kuze kube umhlaka-14 kuMasingana ngaphambi komdlalo olandelayo we-Al Nassr lapho ezobe ibhekene khona ne-Al-Shabab kude nasekhaya.

Esithombeni esingenhla: UCristiano Ronaldo

Umthombo wesithombe: Time Out Riyadh

Izihloko zakamuva