Dylan Bettencourt
Ingwazi kanobhutshuzwayo uCristiano Ronaldo ngeke aphazanyiswe ukugxekwa ngabalandeli ngokudlala kwakhe kuJuventus muva nje.
Lokhu kushiwo ngumqeqeshi wase-Portugal uFernando Santos othe lo mgadli ukulungele ukunikela ngakho konke emidlalweni yokuhlungela iNdebe yoMhlaba ezayo yeqembu.
URonaldo ugxekwe ngendlela efanayo ngabalandeli kanye nabadlali ngemuva kokuphuma kwabo ku-Champions League bephethwe uPorto.
Ukuhlulwa ngelilodwa eqandeni ngaphansi kwesandla sikaBenevento ngeSonto kwengeze osizini lweJuventus kule sizini.
“Uma uCristiano eseqenjini lesizwe, uhlala enemibono efanayo, uthando, intando, kanye nenjabulo” kusho uSantos.
“Okwamanje angicabangi ukuthi unezinkinga ngokwamandla akhe engqondo.”
USantos uthe, engakujabulela ukweluleka uRonaldo okuke kwavela ukuthi uzobuyela eqenjini lakhe langaphambilini iReal Madrid, kodwa uzomnika lesi seluleko qobo lwakhe.
USantos uthe: “Bengingumqeqeshi wakhe omkhulu ngesikhathi eseneminyaka eyi-18 ubudala. Sinobudlelwano obusondelene.”
URonaldo uzobe enethemba lokuthi angalihlula irekhodi lika-Ali Daei lamagoli ayi-109 eqenjini labo lesizwe. Usalelwe ngamagoli ayisishiyagalombili nje ukushaya lelo rekhodi okukhuthaza impela lo mdlali oneminyaka engama-36 ngaphambi kwemidlalo emithathu yokuhlungela iNdebe yoMhlaba yase-Portugal.
Umthombo wesithombe: @Goal