URonaldo uqolwe imali eyizigidi ezinhlanu zamarandi yi-egenti yezokuvakasha

Dylan Bettencourt

UCristiano Ronaldo kubikwa ukuthi uqolwe imali elinganiselwa kuzigidi ezinhlanu zamarandi yi-egenti yezokuvakasha ngemuva kokuba ayithembe ngekhadi lakhe kanye nephini.

I-egenti yezokuvakasha, uMaria Silva, kubikwa ukuthi phambilini wakhwabanisela umphathi omkhulu webhola uJorge Mendes kanye nowayengumdlali weqembu lase-Portugal ne-Manchester United, uNani.

USilva kuthiwa ugebenge uRonaldo lesi samba esebenzisa ikhadi lakhe kanye nephini ukuqopha cishe uhambo oluyizi-2 000 lo mdlali wase-Portugal angakaze aluthathe oluya eYurophu, eMelika nase-Afrika.

Le egenti yezokuvakasha eneminyaka engama-53 ikhwabanisele uMendes imali ecishe ibe izi-R300,000 kanti uNani imkhwabanisele imali eyizi-R30,000.

Ukukhwabanisa kwale egenti kuyenze yathola isigwebo seminyaka emine esejele sikhishwa inkantolo esedolobheni lase-Porto ngokusho kwencwadi ye-Portuguese Jornal i-de Notícias.

Ngemuva kokunqoba kwe-Manchester United ngo-2-1 idlala ne-West Ham ngeSonto, uRonaldo bekufanele alibhekise e-Portugal ayosebenzisana neziphathimandla ngalolu daba, kodwa akabange esahamba ngemuva kokuthi i-egenti yezokuvakasha ivume amacala ngokuphelele.

Lo mdlali owine i-Ballon D’or amahlandla amahlanu, unikeze amaphoyisa ase-Portugal isitatimende ngemuva kokundizela e-Porto nommeli wakhe ngeSonto.

Inkampani yezokuvakasha, i-Geostar, kubikwa ukuthi isikhokhele izisulu eziqoliwe imali egcwele eyebiwe kubo. USilva kuzofanele akhokhele inkampani ngesinxephezelo sanyanga zonke ukugwema ukuchitha isikhathi ejele.

I-ejenti yezokuvakasha iqole owesilisa wase-Real Madrid phakathi kowezi-2007 nowezi-2010, kodwa lesi sigameko asizange sibikwe kuze kube ngenkathi iphephandaba lase-Portugal lidalula i-egenti yezokuvakasha kanye nenhlangano yakhe yomkhonyovu wokuhamba ngeSonto.

URonaldo, owaziwa ngezinqumo ezinhle enkundleni, kubukeka sengathi wenze iphutha ngaphandle kwenkundla ngokunika i-ejenti yezokuvakasha ikhadi lakhe nephini.

Izihloko zakamuva