Menzi Magubane
I-Portugal izophinda ibeke ithemba layo kukaputeni wayo ohlale ezimisela uCristiano Ronaldo lapho bezoqala imicintiswano yabo ye-UEFA European Championship (i-Euro).
NgoLwesithathu ebusuku uRonaldo uphinde washaya igoli emdlalweni wokugcina wokuzifudumeza we-Portugal eshaya i-Israel ngamagoli amane eqandeni.
Lelo goli lenze umdlali oneminyaka engama-36 ukuthi asondele kwirekhodi lika-Ali Daei. Njengamanje umdlali wase-Iran nguyena ohamba phambili ngamagoli emhlabeni wonke emlandweni webhola lomhlaba wonke ngamagoli ayi-109.
Isihlabani se-Juventus, uRonaldo, ushaye igoli lakhe le-104 lamazwe omhlaba emidlalweni eyi-175 ukwehlisa ukwehlisa isibalo samagoli uDaei amshiya ngawo ngamahlanu kuphela.
I-Portugal, nokho, ikulokho okungabizwa njengeqembu lokufa neJalimane kanye nabanqobe iNdebe Yomhlaba manje i-France kanye ne-Hungary. I-Portugal izoqala umkhankaso wayo ngoLwesibili ibhekene ne-Hungary emdlalweni okumele iwunqobe.
Lo mqhudelwano uzoqala ngoLwesihlanu lapho i-Turkey izodlala ne-Italy e-Stadio Olimpico e-Rome ngo-9 ebusuku. Ngokokuqala ngqa lo mqhudelwano uzobanjelwa emadolobheni ayi-11 emazweni ahlukene ayi-11 lapho kugujwa khona iminyaka engama-60, kusukela ngomhla ziyi-11 kuNhlangulana kuya kumhla ziyi-11 kuNtulikazi.
Amazwe azosingatha imidlalo kulo mncintiswano yilawa alandelayo: e-Azerbaijan (e-Baku), e-Denmark (e-Copenhagen), e-England (e-London), e-Germany (e-Munich), e-Hungary (e-Budapest), e-Italy (e-Rome), e-Netherlands (e-Amsterdam), e-Romania (e-Bucharest) , e-Russia (e-Saint Petersburg), e-Scotland (e-Glasgow) nase-Spain (e-Seville).
Lo mqhudelwano bewuhlelelwe ukuqala ngomhla ziyi-12 kuNhlangulana kuya kumhla ziyi-12 kuNtulikazi ngowezi-2020 kodwa wahlehliswa ngenxa yobhubhane lwe-Covid-19. Ngaphandle kokuthi uzodlalwa ngowezi-2021, usazoligcina igama le-UEFA Euro 2020.
I-Wembley Stadium e-London ihlelwe ukuthi isingathe imidlalo eyandulela owamanqamu neyamanqamu okwesibili, njengoba yenze lokhu phambilini emqhudelwaneni wangowe-1996 kanti imibiko ithi inkundla egcwele ingalungela owamanqamu.
Umthombo wesithombe: @ fifa.com