Lubhalwe nguRazeen Gutta
Ngemuva komdlalo wakhe wokuqala kwi-Al Nassr ngoMgqibelo uCristiano Ronaldo usevele wacacelwa ukuthi umqeqeshi omusha uRudi Garcia uhlose ukwenza kanjani ukuze athole okungcono kakhulu kuye ukuze kuzuze iqembu.
Ukuwina ngo 1-0 bebhekene ne-Al Ettifaq kunconywe njengomdlalo omuhle wokuqala kaRonaldo kuleli qembu njengoba ebonge abalandeli ngokumeseka ngemuva komdlalo.
“Umdlalo wokuqala, iwini yokuqala. Nenze kahle bafwethu. Sibonga bonke abalandeli ngokuseseka okumangalisayo,” kusho lo mdlali osewine indondo ye-Ballon d’Or amahlandla amahlanu ekhasini lakhe laku-Twitter.
Kodwa-ke, uRonaldo ovele wanikezwa ibhande likakaputeni we-Al Nassr wenze umehluko omncane ngendlela umdlalo obushube ngayo. Umgadli wase-Brazil, u-Anderson Talisca nguyena oshaye igoli.
UGarcia ukholelwa ukuthi ushintsho luyadingeka eqenjini njengoba kunompetha wase-Portugal eduze kwabo futhi uthe kungenzeka ukuthi bazame kanzima ukumfaka.
“Kubaluleke kakhulu ukuthi abadlali badlale ngendlela ejwayelekile futhi bengazami ukunikeza uCristiano ibhola njalo. Ngibatshelile ukuthi kumele benze izinqumo ezifanele enkundleni,” kusho uGarcia esithangamini nabezindaba ngemuva komdlalo.
“Kusobala ukuthi uma uCristiano noma uTalisca besesikhaleni esivulekile futhi becela ibhola sidinga ukubanika lona. Labo badlali ababili bayakwazi ukwenza umehluko. Namuhla ebusuku ngicabanga ukuthi besinamathuba amahle kodwa besingenabo abadlali abenele ebhokisini – futhi kwesinye isikhathi ebengekho noRonaldo noma uTalisca.”
Uthe kumele basebenzele ukulungisa lokho.
“Kumele sibe nomunye wabo ebhokisini mhlawumbe omunye adlale ngaphandle kwebhokisi,” esho.
Esithombeni esingenhla: UCristiano Ronaldo
Umthombo wesithombe: Twitter: @cristiano