URiveiro uzohola i-All-Stars XI okwesilibili kulandelana

Lubhalwe nguMichael Madyira

URiveiro uzohola i-All-Stars XI okwesibili kulandelana enethemba lokuwina isayidi lase-Limpopo ngokufakazela ukuthi ukunqoba kwabo indebe yomkhumulajezi akubanga inhlanhla nje.

Ukukhethwa kweqembu elizodlala kwi-Carling Black Label Cup i-All-Stars XI isiqedile, njengoba umqeqeshi we-Orlando Pirates uJose Riveiro usezohola leli qembu lapho libhekene neMagesi FC e-Orlando Stadium ngoMgqibelo.

IMagesi engompetha be-Carling Knockout izobhekana neqembu eliqokwe ngabalandeli futhi ukaputeni walo okuzoba unozinti we-Pirates uSipho Chaine.

Nakuba umgadli waMakhosi u-Ashley Du Preez ehlaliswe ebhentshini, kodwa usenalo elinye ithuba lokuqeqeshwa nguRiveiro obephethe leli qembu eliqokwe ngabalandeli ngesizini edlule.

“Ngokokuqala ngqa lapho ngithola ithuba lokusebenza naye, ubejabule kakhulu. Ngakho-ke, kimina njengomdlali, umqeqeshi uRiveiro ube ngumqeqeshi osezingeni eliphezulu, yingakho enza kahle eqenjini lakhe.
“Ngesipiliyoni sakhe, emdlalweni wangempelasonto, sizokwenza umsebenzi omuhle.”

Esinye isihlabani samaBhakabhaka, uRelebohile Mofokeng, sizophinde sibonakale kuleli qembu, okukhona phakathi abadlali ababili be-Mamelodi Sundowns uBathusi Aubaas odlala esiswini no-Asekho Tiwani odlala kwesokunxele.

Kukhethwe abadlali be-DStv Diski Challenge abafana no-Aden McCarthy we-Kaizer Chiefs noNaledi Hlongwane, nabadlali basemuva be-Pirates uMbekezeli Mbokazi noJabulani Mokone.

I-All-Stars XI ihlanganisa abadlali beqembu lokuqala futhi abavela ku-Chiefs, i-Pirates kanye ne-Sundowns kuphela.

“Ngicabanga ukuthi kimina kuwukungaguquguquki okwenze uRiveiro waphumelela,” uDu Preez etshela abezindaba.

Abajoyine uDu Preez ebhentshini kukhona abanye abadlali abavela kubadlali abathathu abakhulu, okukhona kubo uPatrick Maswanganyi, uTshegofatso Mabasa, uReeve Frosler, uMfundo Vilakazi noThembinkosi Lorch.

Ngesizini edlule, uRiveiro uhole i-All-Stars XI yanqoba ngo 2-1 ishaya i-Stellenbosch FC eyayingompetha be-Carlinh Knockout ngaleso sikhathi.

Esithombeni esingenhla: Umqeqeshi we-Carling Black Label Cup All-Stars XI uJose Riveiro.

Umthombo: Orlando Pirates

Izihloko zakamuva