Lubhalwe nguMichael Madyira
Umculi oseke wawina i-Grammy uRihanna ucule ngendlela emangalisayo emcimbini we-2023 Super Bowl Halftime Show.
Njengoba i-Kansas City Chiefs ibilandela i-Philadelphia Eagles ngamaphuzu ayishumi ngesikhathi sekhefu, uRihanna ungenelele ngomculo wakhe ojabulisa abaningi.
Uphinde wavezela abalandeli bakhe isisu sakhe ebesibukeka njengosomuntu okhulelwe, ngaphambi kokuthi ommele aqinisekise izindaba zokuthi ukhulelwe ingane yesibili.
URihanna ucule emcimbini we-Super Bowl Halftime Show okunguwona obubukwa kakhulu kulonyaka.
Ucule ingoma ethi “Bitch Better Have My Money” njengoba ubebonakala ehla phezulu endaweni entantayo, ngaphambi kokucula izingoma eziyishumi nambili emizuzwini engu-13.
Uhlu lwezingoma aziculile kubalwa ethi-Umbrella”, “We Found Love”, “Work” kanye nethi “Diamonds”.
Egqoke i-jumpsuit ebomvu, ubukhulu besisu akakwazanga ukubufihla.
Ngemuva kokwamukela ingane yakhe yokuqala ngoNhlaba nyakenye, uselindele enye yesibili nalowo athandana naye u-A$AP Rocky.
Kodwa ngaphandle kokuthi uveze isisu sakhe, u-Rihanna ucule ngendlela emangalisayo ezungezwe abadansi abagqoke izingubo ezimhlophe qhwa.
Ubekhombisa ukuthi ukujabulele ukubuyela esiteji ngendlela abenandisa ngayo kanti uphume esiteji ngengoma yakhe ethi “Diamonds.”
I-Chiefs iqhubekile nokuketula iqembu ebibhekene nalo ngesiwombe sekhefu yanqoba ngamaphuzu angu-38 kwangu-35 lokhu kusho ukuthi inqobe isicoco sayo sesibili kumasizini amane.
Isithombe esingenhla: URihanna esesiteji
Umthombo wesithombe: New York Times