URhulani ulola izembe kwiDowns 

Lubhalwe nguLinda Ximba

Kuzoba noshintsho ePitoli njengoba umqeqeshi weMamelodi Sundowns uRulani Mokwena esememezele izinhlelo zokwenza izinguquko kwiqembu lakhe ethimbeni labaqeqeshi.

Lokhu kuveza kungase kube khona okwenzekayo kuSteve Komphela  noManqoba Mngqithi.

UMokwena ukhushulelwe esikhundleni sokuba ngumqeqeshi ngoMfumfu nyakenye kanti kubukeka sengathi ufuna ukugxiviza igunya lakhe eqenjini ngokuhlela kabusha uhlelo lwabaqeqeshi.

Kubukeka sengathi izinguquko vele seziqalile njengoba umqeqeshi wezokuzivocavoca uRiedoh Berdien kanye nephini lomqeqeshi wonozinti uMarcus Mashilo bekhululiwe ekhempini yeqembu e-Polokwane ngesonto eledlule.

Izinguquko ezizayo zenze  kwaba nokungabaza ngekusasa likaKomphela noMngqithi.

UMngqithi utshele i-Scrolla.Africa ukuthi kube isinqumo sabo bendawonye ukuletha uKomphela obesuka kwiGolden Arrows.

Lokhu kwenzeke ngaphambi komdlalo wabo we-DStv Premiership wangoLwesihlanu odlule ePitoli ngesikhathi bebhekene ne-Orlando Pirates  abayihlule ngamagoli amabili eqandeni. 

UMokwena uvumile ukuthi uBerden noMashilo bakhululiwe kwikhempu, kodwa waphika ukuthi baxoshiwe. 

“Kujwayelekile kunoma iliphi iqembu lebhola ukuthi uma kuqashwa umqeqeshi kube nezinguquko. Iqembu likhombise ukungeseka kanti nami kumele ngenze umsebenzi wami wokubuyisela lokho,” usho kanje ngemuva komdlalo.

UMokwena uthi udinga iqembu eliqinile.

“Okunye okumele bakwazi ngidinga iqembu eliqinile eduze kwami ​​ngoba ngeke ngikwazi ukukwenza lokhu ngedwa.

Lokhu kusho ukuthi iqembu lizothatha indlela ehlukile kusukela manje.”

UMokwena uthi iqembu lizokwenza izimemezelo ezifanele uma isikhathi sesilungile.

UMokwena uphinde waveza ukuthi kuzoba nomnyakazo wokufuna abanye abadlali uma sekuvuleka iwindi.

Abanye kulindeleke ukuthi babolekiswe kanti labo abadonsa kanzima bangabona izinkontileka zabo zinqanyulwa.

Esithombeni esingenhla: Ngesabaqeqeshi abathathu beSundowns uRulani Mokwena, uManqoba Mngqithi noSteve Komphela

Umthombo wesithombe: Mamelodi Sundowns

Izihloko zakamuva