URethabile uphendula izikhathi ezinzima zibe yizikhathi zokudansa

Everson Luhanga

Okokuqala umvalelo usho ukuthi ubengakwazi ukuthola imali.

Washayiswa yimoto futhi wayecwila ezindlekweni zokwelashwa.

Kodwa uRethabile Khumalo onezwi elimtoti ube nengxoxo noNkulunkulu.

Kusukela lapho usebenzise isikhathi sakhe sokuphulukisa ukuqamba i-albhamu yokuqala ahlela ukuyikhipha ngenyanga ezayo.

Abantu baseNingizimu Afrika bachitha isikhathi samaholidi ngonyaka odlule bedansela ingoma ethi Umlilo, eculwa uRethabile neyamenyezelwa njengengoma yonyaka ngoZibandlela.

Kodwa njengabaculi abaningi uRethabile ushayeke kanzima yisenzo esinzima sikahulumeni sokuvalwa kwezwe, okwakusho ukuthi wayengakwazi ukuyocula ezindaweni ezahlukene.

Ngemuva kwalokho walimala ngesikhathi eshayiswa imoto ephuma ezitolo ethi uya ekhaya.

Ngemuva “kokuxoxa” noNkulunkulu wakhe, ubuyele ekusebenzeni nge-albhamu yakhe yokuqala ebizwa nge-Like mother like daughter, esho engxoxweni abe nayo nabakwa-Scrolla.Africa.

“Kungithathe iminyaka eyi-10 ukuthi ngisebenze kwi-albhamu yami ngedwa ngaphandle kokusebenza nabaculi abakhulu (kubandakanya nomnikazi we-Jerusalem uMaster KG) ezinhlelweni zakhe ezinkulu.”

Umculo usegazini lakhe njengoba bobabili abazali bakhe bese mkhakheni wezomculo.

URethabile uyindodakazi yomculi odumile uWinnie Khumalo.

Uthe ukuphumelela kwakhe emculweni akuhlangene negama likanina nodumo lwakhe kule mboni. “Impumelelo yami ize ngemuva kwemizamo eminingi engaphumelelanga yokungena kwezomculo.”

“Bengingalangazeleli udumo kodwa bengazi ukuthi nginethalente elikhulu elingenza iNingizimu Afrika idanse.”

URethabile ongumculi, umbhali wezingoma, umqambi wezingoma, nomshayi wesigingci, uthe i-albhamu yakhe ezayo izonyakazisa imakethe yomculo.

Izihloko zakamuva