Lubhalwe nguRazeen Gutta
Umqeqeshi weqembu labesifazane wase-France uHervé Renard uzoba ngumphathi wesibili ukuhola amaqembu eNdebeni yoMhlaba yabesilisa nabesifazane ngemuva kokuhola i-Saudi Arabia e-Qatar nyakenye.
Njengoba ukunqoba kwe-Saudi Arabia kompetha i-Argentina kwaba yisimanga ngo-2022, iqembu lakhe lase-France kulo nyaka lingenye yezintandokazi zomqhudelwano.
Lo mdlali osewine i-Africa Cup of Nations amahlandla amabili ube ngumqeqeshi wokuqala owake wayinqoba namaqembu amabili ahlukene – i-Ivory Coast ne-Zambia.
Futhi njengoba esaqhubeka nokuphula amarekhodi, yilapho aqala khona umsebenzi wakhe okumenza athandeke nakakhulu.
Lo mdlali oneminyaka engu-54 ubudala udlale ibhola elisezingeni eliphansi e-France ngaphambi kokuthatha umhlalaphansi ngo-1998 enamaphupho okuqeqesha.
Ukwengeza izifiso zakhe nokwenza imali, wathatha umsebenzi wokuhlanza e-SC Draguignan, ikilabhu yokugcina ayidlalela.
Amava akhe okwenza lowo msebenzi ngesikhathi ethola amabheji omqeqeshi wakhe yinto uRenard ayincoma kakhulu ngokuba ngumphathi anguye namuhla.
“Ngangivuka ngo-2.30 ekuseni, ngiqede emini bese ngiphuma ngo-5 ntambama ngiyoziqeqesha e-Draguignan,” etshela i-BBC Sport.
“Sasiziqeqesha bese ngiyabuya ngehora lesishiyagalolunye ebusuku ngizodla bese ngilala ngo-11 ebusuku. Lokho kwakungumsebenzi wami weminyaka eyisishiyagalombili. Ngiyaziqhenya ngokuthi ngikwenzile konke lokhu.”
URenard uqeqeshe izinyanga eziyisishiyagalolunye e-England ku-Cambridge United ngaphambi kokudlulela ekuqeqesheni kwamazwe ngamazwe, indawo asaqhubeka nokuthola impumelelo kuyo ngobuningi.
Isiqalo esinzima ohambweni lwakhe lokuqala njengomqeqeshi weqembu labesifazane sifinyelele ekugcineni ngokubonakala ku-Fifa Women’s World Cup eqhubekayo, umqhudelwano lapho uRenard akholelwa ukuthi i-France ingenza kahle.
“Mhlawumbe phambilini bebengazi kahle ukuthi linjani izinga labo. Kumele baqonde ukuthi alikho iqembu elingcono kunabo,” esho.
“Kufanele ukholelwe kuwena futhi uma leli qembu lenza njalo, lizoba neNdebe Yomhlaba emnandi.”
Esithombeni esingenhla: UHervé Renard
Umthombo wesithombe: @sneharants