Doreen Mokgolo
Equnga isibindi ngemuva kokugxekwa ngabantu ezinkundleni zokuxhumana, umdwebi uRasta uye KwaNongoma, e-KZN eyohlonipha iSilo uGoodwill Zwelithini ngesikhathi sesikhumbuzo ngoLwesine.
Lo mdwebi ongundabamlonyeni ubonakale ngoLwesine ebukisa ngemifaniso yeNkosi emibilii ngaphandle kwesigodlo saKwaKhethomthandayo.
“Nginqume ukuletha lo mdwebo mathupha emndenini wasebukhosini bese ngidlulisa amazwi enduduzo,” kusho lo mdwebi owazalelwa e-Zimbabwe, ogama lakhe langempela uLebani Sirenje.
Uyaziwa ngemidwebo yakhe, ikakhulukazi yabantu abadlulile bomphakathi.
URasta uthe omunye wemidwebo uzonikezwa umndeni wasebukhosini ngenkathi yena ezothengisa omunye ngokuhamba kwesikhathi.
URasta uthe ngenkathi ezwa ngokudlula kweNkosi wavele wanquma ukusebenzisa amabhulashi akhe omlingo.
“Angikwazanga ukuphuthelwa yithuba lokuyobhonga emswaneni ngokukhothama kweNkosi. Ngivale imiyalezo engemihle ebisakazwa ezinkundleni zokuxhumana ethi angiyidwebi iNkosi esikhotheme,” esho.
“Yile ndlela kuphela engingamhlonipha ngayo okokugcina.”
URasta uthe kumphathe kabi ukuthi abantu babelana ngemidwebo efakwe izithombe bethi umsebenzi wakhe.
Uthe uqale ukudweba ngoMgqibelo kodwa bekuvele kunemidwebo emibili ebizungeza ithi nguyena lo odwebile.
“Bengihlele ukudalula umdwebo wami enkonzweni yesikhumbuzo,” esho.