Umqeqeshi wamaBhokobhoko, uRassie Erasmus uhlukanise nonkosikazi wakhe uNicolene ngokuyimfihlo ngemuva kweminyaka engu-20 beshadile.
Lezi zindaba zivele ngesikhathi u-Erasmus ebonga unina oneminyaka engu-83 ubudala, uMaria, esikhundleni sikaNicolene enkulumweni yakhe yakamuva yokwamukela iziqu zobudokotela eNyuvesi yaseNorth-West.
Isehlukaniso saqinisekiswa ngamarekhodi asenkantolo, enkantolo Lubhalwe ukuthi uN Erasmus umangalele u-J Erasmus eNkantolo eNkulu yaseKapa ngomhlaka-29 kuMbasa ka-2024.
UNicolene owayengumhlengikazi, nguyena ummangali ngesikhathi kuqhubeka icala, okwenza uRassie abe khona enkantolo kungenasidingo.
Ummeli kaRassie, uFrikkie Erasmus wenqabile ukuphawula ngezindaba ezithinta yena, wathi ikhasimende lakhe belingekho enkantolo ngalolu suku olushiwoyo.
Phezu kwempendulo eqinile evela kwabasondelene no-Erasmus, imithombo yebhola lombhoxo ikuqinisekisile ukuthi lezi zithandani bese zingahlali ndawonye isikhathi eside.
Ukuthula kukaRassie okuchazwe njengokuzihlonipha ukuvikele ukungaphumi kwemininingwane yesehlukaniso. Nokho, umyalelo wenkantolo obonwe imagazini i-YOU ikuqinisekisile lokhu kuhlukana.
Ukuhlukana kwabo bese kubonakala ngoba umlando kaRassie akakaze akhulume ngomkakhe futhi azikho izithombe encwadini yabo bobabili bendawonye.
Njengamanje, uRassie kanye namaBhokobhoko basekhempini yokuzilolonga belungiselela imidlalo ezayo ne-Wales, i-Ireland, ne-Portugal.
Luhlanganiswe ngumbhali we-Stuff
Osesithombeni esingenhla: URassie Erasmus.
Umthombo wesithombe: Springboks/X