URashford ukhomba ukushiya kuMan United

Lubhalwe nguRazeen Gutta


 
● URashford uthembisa ukushiya i-United ngokwemigomo yakhe ngemuva kokushiywa ngaphandle eqenjini le-Manchester derby.
 
● Umphathi u-Amorim ufuna isihlabani esidlala phambili sihlale silwele indawo yaso naphezu kwefomu yakhe embi kula masizini amabili edlule.
 
 
Isihlabani se-Manchester United uMarcus Rashford uthi useyilungele “inselelo entsha” ngemuva kweminyaka ecishe ibe ngu-20 ekuleli qembu.
 
Lo mdlali wase-England ushiywe ngaphandle emdlalweni womkhaya yaseManchester ngempelasonto ngumqeqeshi omusha uRuben Amorim. Uvulele  intatheli uHenry Winter isifuba ngekusasa lakhe.
 
“Kuyadumaza ukushiywa ngaphandle kowomkhaya, kodwa sekwenzekile, futhi sawunqoba umdlalo ngakho asiqhubekele phambili. Kuyadumaza kodwa nami sengikhulile ngiyakwazi ukubhekana nezingqinamba,” usho kanje.
 
“Ngizokwenzenjani ngalokho? Ngihlale phansi ngikhale ngakho, noma ngizokwenza konke okusemandleni ami uma ngitholakala emdlalweni?”
 
Lo mdlali oneminyaka engu-27 ubudala ube nesikhathi esinzima ukuthola ifomu kumasizini amabili edlule. Uthi uzoyishiya i-United ngemigomo yakhe.
 
“Uma ngisibona ukuthi isimo sibi ngeke ngisenze sibe sibi kakhulu. Ngibonile ukuthi abanye abadlali bashiye kanjani futhi angifuni ukuba yilowo muntu. Uma sengihamba ngizokhipha isitatimende futhi sizophuma kimina,” kusho uRashford.
 
“Sengiphakathi nendawo nomsebenzi wami. Angilindele ukuthi ngifike ezingeni eliphezulu njengamanje. Sengidlale iminyaka eyisishiyagalolunye kuze kube manje ku-Premier League futhi lokho kungifundise okuningi, okungisizile ukuthi ngikhule njengomdlali nanjengomuntu uqobo.”
 
“Ngakho-ke, akukho engizisola ngakho kule minyaka eyisishiyagalolunye edlule. Ngeke ngizisole ngokuqhubekela phambili ngoba ngamukela izinto zinjalo usuku nosuku futhi kwesinye isikhathi ziyenzeka izinto ezimbi, kwesinye isikhathi okuhle kuyenzeka. Ngiyazama nje ukuthola ibhalansi.”
 
Umphathi u-Amorim ukholelwa ukuthi inselelo enkulu kaRashford ukuhlala alwele indawo yakhe.
 
“Uqinisile! Sinenselelo entsha lapha, enkulu kunazo zonke ebholeni. Sisesimweni esinzima. Ngiyethemba ukuthi bonke abadlali bami sebemi ngomumo,” kusho u-Amorim etshela abezindaba.
 
“I-United idinga ithalente elikhulu futhi nguye onethalente elikhulu, ngakho-ke udinga ukuzimisela adlale ngezinga eliphezulu kakhulu. Yilokho engigxile kukho. Ngifuna ukusiza uMarcus. Singcono kakhulu njengeqembu uma kukhona noMarcus. Ngizozama izinto ezahlukene ukuze ngimphushele phambili emazingeni awabonisa esikhathini esidlule.”
 
Esithombeni esingenhla: UMarcus Rashford.
 
Umthombo: @fabrizioromano

Izihloko zakamuva