URashford ucwaswe ngokobuhlanga ngenxa yebhola

Dylan Bettencourt

UMarcus Rashford MBE uhlaselwe ngokobuhlanga “okungenani okungama-70” ngokusebenzisa imithombo yezokuxhumana kulandela ukuhlulwa kokugcina kwe-Manchester United kowamanqamu we-UEFA Europa League ezandleni ze-Villarreal ngoLwesithathu ebusuku.

Umfana oneminyaka engama-23 ubhale ku-twitter ngemuva nje kokuthi kuphele umdlalo: “Okungenani ukuhlaselwa ngokobuhlanga okungama-70 kuma-akhawunti ami ezinkundleni zokuxhumana sekubaliwe kuze kube manje. Kulabo abasebenzela ukungenza ngizizwe kabi kakhulu kunalokho engivele ngiyikho, nginifisela inhlanhla”

Umdlali we-United odlala phambili uqhubeke nokukhetha imilayezo ethile yobandlululo ethunyelwe kuye, omunye wayo uvela kuthisha we-Maths. URashford ugcizelele ukuthi uthisha osebenza ngezingane ubandlulula ngokusobala futhi lokhu ukwenza ngaphandle kokwesaba imiphumela.

URashford, ochitha isikhathi sakhe esiningi ekhululekile enza umsebenzi wokupha, useke wahlukunyezwa ngokobuhlanga esikhathini esedlule.

Ukuhlukunyezwa ngokobuhlanga sekuyinto ejwayelekile ebholeni.

Abadlali bebala bavame ukuhlukunyezwa ngokobuhlanga ngabantu abathile ezinkundleni zokuxhumana nalawa mapulatifomu enza okuncane kakhulu ukuzama ukulwa nalokhu kuhlukumeza.

Onke amaligi nezinhlangano zebhola laseNgilandi ezihlanganyele zibambe iqhaza ekuvaleni inkundla zokuxhumana cishe ngenyanga edlule ukuletha ulwazi ngalolu daba.

Amaligi nemincintiswano eminingi yebhola ikhombisa ubumbano lwabo nenhlangano yee-#BlackLivesMatter ngokuthandaza ngaphambi kokuthi kuqale umdlalo. Zonke lezi zinyathelo zizama ukunciphisa ukucwasa ebholeni, kodwa ngaphandle kokwesaba imiphumela, ukucwasa kuzohlala kukhona ebholeni.

I-Manchester United ibiyizintandokazi ingena kowamanqamu kodwa ukungadlali kahle ngo-1-1 emizuzwini engama-120 yebhola kuhambise umdlalo kumaphenalti aphele sekuthathwe amaphenathi angama-21. I-Villarreal iphume ngegiya ngesikhathi kukhahlela unozinti wase-Spain uDavid De Gea ohlulwe yiphenathi enikeze i-Villarreal ukunqoba ngo-11-10 kanye nesicoco sompetha be-Europa League.

Umthombo wesithombe: @MarcusRashford

Izihloko zakamuva