URamovic usengumqeqeshi omusha we-Casablanca

Lubhalwe nguRazeen Gutta

Umengameli we-TS Galaxy uTim Sukazi useqede ukuqagela ngekusasa lomphathi uSead Ramovic ngokuqinisekisa ukufudukela kwakhe eqenjini iRaja Casablanca. 

URamovic uzohola iGalaxy okokugcina ngci ngoLwesithathu uma isidlala ne-Yanga FC yase-Tanzania emdlalweni wobungani kaNyamazane Stadium.

Lo mqeqeshi oneminyaka engu-45 ubudala uzovala isikhala sowayengumqeqeshi we-Orlando Pirates uJosef Zinnbauer kulezi zinkunzi zase-Morocco, kanti uZinnbauer kubikwa ukuthi usebhekise amabombo e-Saudi Arabia lapho eseyoqeqesha khona. 

URamovic ubehlonzwe njengongase abe ngumqeqeshi weKaizer Chiefs ngaphambi kokuthi kufike umqeqeshi omusha uNasreddine Nabi.

Nokho uSukazi ugcine esezicacisile izinhlelo zomphathi. 

“Isivumelwano esesenziwe. URamovic kulindeleke ukuthi andizele ngaphandle kwelakuleli ngemuva komdlalo wobungani ne-Yanga FC, kanti uzohamba nabasizi babaqeqeshi ababili, uBeganovic Adnan noKodro Mustafa kanye nomqeqeshi wonozinti uGreg Etafia,” kusho uSukazi ku-SABC Sport. 

“IRaja Casablanca iphakathi kwamaqembu amahlanu ahamba phambili ezwenikazi lase-Afrika futhi akuvamile ukuthi umqeqeshi azingelwe kangaka ngesikhundla sokuyiqeqesha.

“Ngakho-ke, izibusiso zethu zonke siyamnika umqeqeshi uSead Ramovic njengoba simbongela ngethuba alitholile. Simfisela okuhle kodwa futhi uzoba isandiso somndeni wethu e-Morocco.”

Esithombeni ngenhla: USead Ramovic.

Umthombo: @africansoccerup

Izihloko zakamuva