URamaphosa uzovakashela imindeni yase-Eastern Cape ngemuva kwezikhukhula

Lubhalwe ngu-Anita Dangazele

UMengameli Cyril Ramaphosa uzovakashela imindeni yase-Eastern Cape ngoLwesihlanu ngemuva kwezikhukhula ezibulale abantu abangu-57 okuhlanganisa nezingane zesikole.

Babalelwa ku-1 000 abantu abalahlekelwe yimizi yabo kwathi izikole ezingu-127 nezikhungo zezempilo ezingu-20 zikhahlamezekile esifundazweni sonke.

UMengameli Cyril Ramaphosa uzohambela e-Eastern Cape ngoLwesihlanu ukuyovakashela imindeni ekhahlanyezwe yizikhukhula ezibulale okungenani abantu abangu-57 kuleli sonto.

Ekhuluma engqungqutheleni eseKapa, ​​uMengameli Ramaphosa uthe: “I-Eastern Cape ibhekane nezikhukhula ezingakaze zibonwe. Ngizoya khona kusasa ngiyobona ukuthi abantu bakithi bahlupheka kanjani, nokuthi singayiduduza kanjani imindeni.”

Lezi zikhukhula zibulale okungenani abantu abangu-57, okuhlanganisa nezingane zesikole ezishone ngesikhathi imoto abebehamba ngayo iguguleka ebhulohweni i-Efafa ngoLwesibili.

URamaphosa uphinde wathi izwe lidinga izinhlelo ezingcono zokubhekana nezinhlekelele ezinjengalezi esikhathini esizayo.

UNdunankulu wase-Eastern Cape u-Oscar Mabuyane uthe bangu-51 abashonile e-O.R Tambo, kanti abayisithupha bebesendaweni yase-Amathole.

Babalelwa ku-1 000 abantu asebekhishiwe ezindlini zabo esifundeni sase-Amathole kuphela, bakhoseliswe ezakhiweni zomphakathi,” usho kanje.

EMthatha, abatakuli basathungatha izidumbu ezidukile kanti imindeni izama kanzima ukuthola abathandekayo babo emakhazeni kahulumeni wendawo.

Omunye umama obefuna indodakazi yakhe eneminyaka engu-16 utshele iNewzroom Afrika ukuthi: “Izolo, size lapha sizofuna indodakazi yethu kodwa asizange siyithole. Bathe asibuye namuhla ekuseni futhi nanamuhla asikayitholi.

“Lokhu kuyadabukisa ngoba sifuna ukubona isidumbu sakhe ukuze sithole ukuthula.”

UMabuyane uthe bangu-38 abantu abahlengwe eMthatha ngosizo lwabezimo eziphuthumayo, amaphoyisa namavolontiya. Izindiza ezinophephela emhlane ezimbili, amayunithi e-K9, izimoto zokuhlenga kanye namaqembu ezobuchwepheshe konke bekusebenza kule ndawo.

Okungenani zingu-127 izikole kanye nezikhungo zezempilo ezingu-20 ezikhahlamezekile. UNdunankulu uthe amathimba asabheka izikole ezithintekile.

Onjiniyela bayasiza ukubuyisa imigwaqo, amanzi nogesi ezindaweni ezishayeke kanzima.

Ukudla, izingubo zokulala namanzi kunikezwa labo abaswele.

“Uhulumeni wesifundazwe nomasipala nabasebenzisana nezenhlalakahle basaqhubeka nokuhlinzeka ngezidingongqangi kubahlali abathintekile,” kusho uMabuyane.

Esithombeni esingenhla: UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu uVelenkosini Hlabisa uvakashele eMthatha ngoLwesine.

Umthombo wesithombe: GCIS

Izihloko zakamuva