Lubhalwe nguDylan Bettencourt
URamaphosa uthumele uNgqongqoshe wezaManzi uPemmy Majodina noNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana uMnuz Velenkosini Hlabisa eGauteng ukuyobhekana nenkinga yamanzi.
URamaphosa uzothumela amasosha zingakapheli izinsuku e-Cape Flats ukuyolwa nodlame lwamaqembu ezigelekeqe kanye naseGauteng ukuze kutholakale izimayini ezingekho emthethweni.
UMengameli uCyril Ramaphosa uvumile ukuthi kuningi okungahambi kahle kuhulumeni ngesikhathi ethula inkulumo yakhe yesizwe ngoLwesine ebusuku.
Ukhulume imizuzu engaphezu kuka-100 ePhalamende.
URamaphosa uthe omasipala bayehluleka ukuletha izidingongqangi kubantu. Wakhomba eGoli lapho osekuphele izinsuku ompompi bomile.
“Lapho omasipala behluleka khona sizoqinisa amandla kahulumeni kazwelonke ukuze angenelele ngokushesha,” usho kanje.
Umemezele iKomidi Likazwelonke Lezinkinga Zamanzi azoba nguSihlalo walo. Uthe bazosebenzisa indlela efanayo neyehlula ukucishwa kukagesi.
Ngaphambi kwenkulumo uRamaphosa uyalele uNgqongqoshe wezaManzi nokuThuthwa kweNdle, uNkk Pemmy Majodina, noNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana uMnuz Velenkosini Hlabisa ukuba beqe umcimbi. Ubatshele ukuthi abahlale eGauteng ukuze babhekane nenkinga yamanzi.
UMengameli uthe ubugebengu obuhleliwe yibona obuwusongo olukhulu olubhekene neNingizimu Afrika.
“Ubugebengu obuhleliwe manje sebuyingozi enkulu embusweni wethu weningi, emphakathini nasekuthuthukisweni komnotho wethu,” usho kanje.
Lokhu kwenzeke ngemuva kwamasonto amabili ephuthumise uphenyo olubhekiswe kubantu abangu-14 ababikwe embikweni kaMadlanga. Umbiko udalule ukuthi amaphoyisa, osopolitiki nezigebengu basebenzisana kanjani.
URamaphosa uthe uzotshala umbutho wezokuvikela waseNingizimu Afrika ezinsukwini ezimbalwa ukulwa nodlame lwamaqembu ezigelekeqe eCape Flats kanye nezimayini ezingekho emthethweni eGauteng.
“Ngijube UNgqongqoshe wamaphoyisa kanye ne-SANDF ukuthi benze uhlelo lokuthi umbutho wethu wezokuvikela kufanele ujutshwe kuphi ezinsukwini ezimbalwa ezizayo,” usho kanje.
Uthembise u-R1 trillion wokutshala imali kwigqalasizinda.
Ithimba elijutshiwe kumele limbikele zingakapheli izinyanga ezintathu mayelana nendlela yokulungisa ukonakala kwa-Eskom.
URamaphosa uphinde wakhuluma ngenkinga yokusebenzelana nezwe laseMelika. Ukuphatha kukaTrump kuvalele iNingizimu Afrika ngaphandle kwe-G20 ngesikhathi kusabambe isikhundla sobuMengameli obushintshashintshayo.
Unobhala wezwe laseMelika uMarco Rubio ubize i-ajenda yezwe ngokuthi “imelene namaMelika”.
URamaphosa uthe iNingizimu Afrika ngeke iphusher.
“Sizoma siqine ebukhosini bethu siqhubekisele phambili izimfuno zethu zezwe, amagugu namalungelo abantu bakithi,” usho kanje.
Osesithombeni esingenhla: UMengameli Cyril Ramaphosa.
Umthombo wesithombe: @PresidencyZA
