Celani Sikhakhane
Ibamba loMvikeli woMphakathi uKholeka Gcaleka ucele uMengameli uCyril Ramaphosa ukuba aphendule imibuzo mayelana nokufihlwa kokugqekezwa kwepulazi lakhe i-Phala Phala.
NgoLwesibili ihhovisi likaGcaleka likhiphe isitatimende esithi uRamaphosa uhlulekile ukuhlangabezana nomnqamulajuqu wangomhlaka-18 kuNtulikazi wokuphendula imibuzo. Esikhundleni sokuhlangabezana nomnqamulajuqu uRamaphosa ucele ukwelulelwa esinye isikhathi, kodwa umvikeli womphakathi wenqabile.
NgoNhlangulana lowo obengumphathi wezobunhloli u-Arthur Fraser wavulela uMengameli amacala obugebengu ngezinsolo zokugqekeza epulazini lakhe nyakenye. UFraser wathi amasela azame ukuntshontsha imali elinganiselwa ku-R60 million kule ndawo.
Usole uRamaphosa nonogada bakhe ngokubopha abagqekezi ngokungemthetho nokubagwazisa ngemali ukuze bathule ngalesi sigameko waphakamisa imibuzo mayelana nokuba semthethweni kwemali ababezama ukuyintshontsha.
UMengameli uphinde wehluleka ukubika emaphoyiseni ngemizamo yokugqekezwa kwepulazi lakhe kanti manje ubhekene nemibuzo ngokuthi ngabe usephulile yini isifungo sokuziphatha.
Ngesonto eledlule umholi we-United Democratic Movement uGeneral Bantu Holomisa weluleke uRamaphosa ukuba aye kumvikeli womphakathi ayobeka udaba lwakhe kodwa umengameli wenqaba.
Iphephandaba i-City Press lidalule ngempelasonto ukuthi ukufihlwa kobugebengu kuthinta uKhomishana wamaPhoyisa osanda kuqokwa uFannie Masemola.
UMasemola owayeyiPhini likaKhomishana kazwelonke ngaleso sikhathi kuthiwa nguye owagunyaza ukusetshenziswa kwezinsiza zamaphoyisa ukuze kutholakale abasolwa ngokugqekeza.
UHolomisa ucele uMasemola ukuthi aphumele obala ngalolu daba noma asule esikhundleni.