URamaphosa uzimisele ngokubuyisa isithunzi se-ANC

Celani Sikhakhane

UMengameli uCyril Ramaphosa uthole ithuba lokubuyisela ubuqotho bohlelo lwezobulungiswa ngemuva kokuthola ingxenye yokuqala yombiko weKhomishini kaZondo.

Abahlaziyi baphakamise ukuthi labo abathintekayo kumele bahlawuliswe u-R1 billion okuyisilinganiso sezindleko sesabelomali seKhomishini kaZondo.

URamaphosa uthembise ukuthi uhulumeni awuholayo uzokhipha umbono ophelele ngalo mbiko uma nje ingxenye yesithathu ingakhishwa ekupheleni kukaNhlolanja.

Uzobe eselungiselela imniningwane okumele idingidwe ePhalamende ekupheleni kukaNhlangulana.

Kodwa lo mbiko ngeke uphikiswe yilabo abathintekayo njengoba sekukhona abathile eqenjini elibusayo asebezamile ukufuna ukuwusebenzisa njengethuluzi lokulwa nowayenguMengameli wezwe, uMnu uJacob Zuma.

Ekhuluma e-Polokwane ngoLwesithathu uRamaphosa uveze ukuthi kukhona abakwi-ANC abakade befuna ukuphonsa inselelo ngalo mbiko.

“Kulabo abaseqenjini lethu abakade befuna ukuphonsa inselelo ngalo mbiko ngiyabancenga ukuthi bangakwenzi lokho, njengoba isifiso sami ukuthi bavikele lelizwe, babuyise isithunzi se-ANC ekubeni iqembu elithenjwa izinkumbi zabantu,” kusho uRamaphosa.

URamaphosa uthe kuzoqhubeka ukushushiswa kanye nezinye izinguquko eseziqalwe i-National Prosecuting Authority.

“Kufanele siqinisekise ukuthi okutholwe ikhomishini asikubukeli phansi, njengoba konke okuvele kulo mbiko kumele kusinikeze isisekelo sokubeka izinto obala, futhi kumele siziphathe kahle kuzo zonke izikhungo zombuso kanye nomphakathi wonkana,” kusho uRamaphosa.

Abahlaziyi nababhali baxwayise ngokuthi ukukhishwa kombiko akufanele kucubungulwe isikhathi eside.

Bafuna ukuthi labo abathintekayo bavulelwe amacala ngokushesha.

Ikhomishini ithole ukuthi ukulawulwa kombuso kulele ezinkampanini zikahulumeni naseminyangweni kahulumeni. Iveza ikakhulu izinkontileka ezinenkohlakalo phakathi kwephephandaba lakwaGupta i-The New Age kanye nesivumelwano ne-Transnet, u-Eskom kanye no-SAA.

Izihloko zakamuva