URamaphosa uyalele i-ANC ukuba ingene kumuzwa wokhetho 

Lubhalwe nguZukile Majova

Manje sekucacele noma ngubani ukuthi wonke amaqembu asekumuzwa wokhetho luka-2024.

Isonto nesonto amaqembu aqhuba imikhankaso yomshoshaphansi. Inhloso enkulu yamaqembu aphikisayo nabazinele ukukhipha I-ANC emandleni.

Kukhona ukwanda okukhulu kwabangenele ukhetho abazimele ababambe iqhaza okhethweni lokuchibiyela lomasipala; konke kukhombisa ukungenami komphakathi ngabantu ababephakanyiswe i-ANC.

Konke lokhu kuthuse uMengameli uCyril Ramaphosa ocele i-ANC ukuthi “ingene ohlelweni lokhetho ngokushesha.”

Ukhulume emhlanganweni wezinsuku ezimbili weqembu obuse-Kempton Park wathi ukhetho lukazwelonke lwango-2024 luzoba nomthelela omkhulu kwi-ANC.

Iqembu lazuza amavoti angu-45.59% kuzwelonke ngesikhathi sokhetho lohulumeni basekhaya ngoLwezi ngo-2021 kanti amaphesenti alo ehla esuka ku-62% aya ku-57.5% okhethweni lukazwelonke lwango-2019.

Ayikaze ibe nkulu ingozi yokuthi i-ANC ilahlekelwe isizinda somnotho wezwe njengoba  yawina ukhetho ngo-50.09% ngo-2019, kuleli dolobha.

Manje iqembu elibusayo lise mpini yoyokuhlwithumkhandlu  waseGoli, owase-Tshwane kanye nowase-Ekurhuleni – ephethwe umfelandawonye oholwa i-DA nganoma iyiphi indlela edingekayo.

Ngesonto eledlule leli qembu lithuse isizwe ngesikhathi liphoqa obeyiMeya ye-DA uDkt Mpho Phalatse ukuthi aphume esikhundleni sakhe lafaka u-Abubakar Thaphelo Amad we-Al Jama-ah okuyiqembu elinezihlalo ezintathu kuphela emkhandlwini onezihlalo ezingu-270.

URamaphosa uthe i-ANC ngeke ikwazi ukubambezeleka ekutheni ilungiselele izinhlaka zayo ukulwa nokhetho olunzima kusukela ngo-1994.

“Yize lingekho iqembu elethule ngokusemthethweni imikhankaso yalo yokhetho, njengoba umuntu ebona, imikhankaso yokhetho lwango-2024 iyaqhubeka. “Le ndawo kumele ibe ngenye yezinkundla esizisebenzisela umkhankaso wethu wokhetho.”

Kuyisicelo esiyingozi esenziwe uMengameli futhi imingcele yokuthi akukho emthethweni njengoba imithetho elawula ukumenyezelwa kokhetho ivumela isikhathi esibekwe iqembu lezepolitiki okuyizinsuku ezingu-90 ngaphambi kokhetho.

Lapha uMengameli ubeka isizwe esimweni sokhetho isikhathi esingaphezu kwezinyanga ezingu-12.

Esithombeni esingenhla: UMengameli uRamaphosa

Umthombo wesithombe: @Busani_MtalanaM

Izihloko zakamuva