
Celani Sikhakhane
IKwaZulu-Natali ne-Eastern Cape yizona zindawo ezizohlomula kakhulu ngemboni yensangu enemali eningi uhulumeni anethemba lokuthi izodala amathuba emisebenzi angaphezu kuka-130 000.
Lokhu kuphakathi kwezinhlelo uMengameli uCyril Ramaphosa azimemezele ngoLwesine ebusuku ngesikhathi ethula inkulumo yakhe yeSimo Sezwe e-Cape Town City Hall okokuqala ngqa emlandweni.
URamaphosa uthe sekuneminyaka eminingi insangu ikhiqizwa imiphakathi yaseKZN nase-Eastern Cape, kodwa manje uhulumeni uzoyifakela izimboni ukuze kuthuthukiswe umnotho.
“Sizobuyekeza inqubomgomo kanye nohlaka lokulawula i-industrial hemp kanye nensangu ukuze sikhiphe ukutshalwa kwezimali okukhulu okungaba khona nokudala amathuba emisebenzi. Uhlelo lwethu ukudala amathuba emisebenzi angaphezu kuka-130,000,” kusho uRamaphosa.
URamaphosa uveze ukuthi umlilo oqubuke ePhalamende uyisikhumbuzo sokucekelwa phansi, udlame kanye nokuphangwa kwempahla okwenzeka ngoNtulikazi nyakenye, lapho okwashona khona abantu abangaphezu kuka-300 kwaphinde kwacekelwa phansi nenqwaba yemizila yokuziphilisa.
Uthe kunesivumelwano sokuthi kudingeka izinguquko ezibalulekile ukuze kuvuselelwe ukukhula komnotho ophakathi kwezinhlaka ezahlukene zabantu baseNingizimu Afrika.
“Ukufeza lokhu, iNingizimu Afrika idinga isivumelwano esisha sokuthi umbuso kumele udale isimo lapho izinkampani ezizimele ezingatshala khona futhi zandise amandla omnotho.
Kodwa ngokulinganayo kube indawo lapho abantu baseNingizimu Afrika abangaphila impilo engcono khona futhi badedele amandla amakhono abo.
Uthe osomabhizinisi, uhulumeni kanye nabasebenzi bazinike izinsuku ezingu-100 zokuphothula “isivumelwano esibanzi senhlalo ukuze kuthuthukiswe umnotho wethu, kudaleke amathuba emisebenzi kanye nokulwa nendlala”.
Enkulumeni eqinile emele izimakethe, uRamaphosa uthe uhulumeni ugxile ekulweni nalolu bhubhane, ukuqaliswa okukhulu kwengqalasizinda, ukwanda okukhulu kokukhiqizwa kwasekhaya, ukudala amathuba omsebenzi kanye nokwanda okusheshayo kokukhiqizwa kwamandla ngemithombo emisha, okuhlanganisa igesi yemvelo kanye nokuvuselelekayo.
URamaphosa umemezele ukuthi useqoke usomabhizinisi oseqophelweni eliphezulu uSipho Nkosi ukuthi kube nguyena oholayo ekukhuliseni amabhizinisi amancane.
URamaphosa uphinde wathi bahlela ukwakha amabhuloho angu-95 kanye nemigwaqo engamakhilomitha angu-700 ezindaweni zasemakhaya. Uphinde wamemezela ukuthi uhulumeni uhambisana nokwakhiwa kwezitshalo ezizodala imithi yokugoma i-Afrika yonkana.
Uphinde welula imali yesibonelelo sikahulumeni engu-R350 ngonyaka owodwa. Okwamanje, uhulumeni uzobheka izindlela ezingcono kakhulu zokushintsha lesi sibonelelo afake olunye uhlobo loxhaso lwemali engenayo.
URamaphosa utshele isizwe ukuthi umbiko wokulawulwa kombuso uveze ukuthi kunobugebengu obacekela phansi i-Sars, i-Transnet, i-Denel nezinye izinhlaka zombuso ezibalulekile futhi uzokwenza isiqiniseko sokuthi abomthetho bazobhekana nalabo abathintekayo.